KUZOSHAQWA imfuyo ewuvanzi egcaluza emigwaqweni kuMasipala waseMhlathuze kulandela izikhalo zomphakathi ngezingozi ezenzeka ngenxa yemfuyo.
Lokhu kulandela isinqumo esithathwe wumkhandlu ukuze kuvikelwe abasebenzisa imigwaqo.
Isitatimende somkhandlu sithe inhloso ukuvikela abahlali kanjalo nabanikazi bayo imfuyo.
Sithe yonke imfuyo ezoshaqwa izokhishwa ngemali noma idayiswe esidlangaleni.
“Umkhandlu uzoshaqa imfuyo ewuvanzi bese ibekwa endaweni ezovalelwa kuyo izinsuku ezingu-14 ukuze abanikazi beze bezoyilanda. Umnikazi uzokhokha imali yokuthi igcinwe lapho nemali yamakhilomitha ahanjiwe iyogcinwa kule ndawo. Izogcinwa ngaphansi komthetho iKwaZulu-Natal Pound Act No.3 of 2006.”
Isitatimende sithe kuzolandelwa yonke imigudu yokuxhumana nabanikazi, ngemfuyo ewuvanzi, uma bengatholakali abanikazi bese ithathwa.
Sithe abashayeli bezimoto bakhalile kulo mkhandlu ngezingozi ezidalwa yimfuyo ebeka engcupheni impilo yabantu.
“Emalokishini nasezindaweni zomtakabani imfuyo idla ingagadwe wumuntu ebusuku ize igcine isivimba imigwaqo. Imfuyo ezoshaqwa ngaphansi komthetho kubalwa izinkomo, izingulube, izimbongolo, amahhashi, amakati, izimbuzi. Sinxusa abafuyile ukuthi bayiqaphe ukuthi ayidli noma yikuphi futhi igadwe ngaso sonke isikhathi.”
Sithe umkhandlu uyakhuluma nabaholi bomdabu kanti le mihlangano ithela izithelo.
“Sivumelene ukuthi kumele imfuyo ifakwe okuzoveza ukuthi ngekabani. Yonke imigwaqo izoqashwa ngelokhozi kuzo zonke izindawo.”