UMASIPALA weTheku usugcine uphefumulile ngezikhalo ngokususwa kwesikhangiso ebesiveza umlando wamakhosi akwaZulu.
Lesi sikhangiso esisebhilidini iNicol Square sithandwe kakhulu ngabantu bakuleli kulandela ukukhothama kweSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu.
NgoMsombuluko ekuseni ezinkundleni zokuxhumana kusabalale izithombe zokushintshwa kwalesi sikhangiso kufakwa isikhangiso esithinta ukhetho.
“Umkhandlu usuzibonile izikhalo ezithinta isikhangiso sokulethwa kwezimfuno zabantu eNicol Square Garage enkabeni yeTheku esifakwe endaweni obekufakwe kuyo imidwebo yamakhosi akwaZulu.
“Umkhandlu uyayihlonipha iNdlunkulu kaZulu nobuKhosi, yingakho sisabungaza amakhosi akwaZulu esikhangisweni sethu saphambilini safundisa nomphakathi ngawo.
“Umdwebo bekuyisikhangiso, akusona isikhumbuzo samaKhosi akwaZulu. Njengenhlalayenza, izikhangiso ziyaye zibekelwe isikhathi,” kusho isitatimende somkhandlu.
Umasipala uqhube waveza ukuthi unazo izindawo ezibungaza amaKhosi neNdlunkulu akwaZulu okubalwa kuzo inkundla yezemidlalo iPrincess Magogo Stadium, isikhumulo sezindiza iKing Shaka International Airport, iKing Zwelithini Stadium, umgwaqo uQueen Nandi Drive nokunye.
“Kumele sikubale nokuthi lesi sikhangiso bese sihlale isikhathi esingaphezulu konyaka, okungenzeka ukuthi kwadala ukuthi amanye amalungu omphakathi acabange ukuthi sizoba khona unomphela kodwa izikhangiso ziyashintshwa ngokuhamba kwesikhathi.”
Ngaphambi kokuthi kufakwe amakhosi kule ndawo kwakukhona omengameli be-ANC abadala.
Umkhandlu uthe ukususwa komengameli abadala be-ANC kufakwe amakhosi akukaze kuthathwe njengendelelo ebhekiswe enhlanganweni ebusayo.
Ucele ukuthi abantu bengasebenzisi isikhangiso samakhosi ukuzenza ngcono.