USEMBHIDLANGWENI wokufukula osomabhizinisi abancane uMasipala waseMnambithi, i-Alfred Duma.
Lokhu kuvezwe yiMeya yakule ndawo, uKhansela Zama Sibisi ngesikhathi enikezela ngezinsiza ezahlukene kosomabhizinisi abasafufusa. Balinganiselwa ku-100 sebe bonke osomabhizinisi ebehlukene abathole usizo oluvela kulo masipala.
Osomabhzinisi ebebelekelelwa basemikhakheni ehlukene, okungabalimi, abathungayo, abadayisa ukudla emgwaqweni nabanye.
"Siyakholelwa kakhulu ekutheni kumele kube khona okuthile esikwenzela osomabhizinisi bakithi ikakhulu abasafufusa. Sifisa ukubabona bedlondlobala,'' usho kanje uNksz Sibisi.
Abadayisa ukudla banikezwe amabhodwe nezitofu zokupheka. Abathungayo bahlomula ngemishini yokuthunga yeqophelo eliphezulu.
Abadayisa emgwaqweni banikelelwe ngezindlu abazozisebenzisa ukuze benganethwa yimvula noma bashiswe yilanga.
Imeya ithe akumele banyundelwe osomabhizinisi abancane ngoba baklama indima enkulu ekufukulweni komnotho wedolobha.
UNksz Sibisi uveze ukuthi bazimisele ngokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayathuthukiswa osomabhizinisi abancane.
''Sifuna ukubona osomabhizinisi bethu abancane bethuthuka kuze kufinyelele kwisigaba sokuthi nabo bagcine sebeqashe abanye abantu,'' usho kanje.
Uveze ukuthi basebenzise imali eningi ukufezekisa lolu hlelo ngoba bekholelwa kosomabhizinisi abancane.
UNksz Nomalanga Ngubane onebhizinisi lokuthunga onikezwe imishini embili uthe bajabule kakhulu ngokuhlomula ngosizo kumasipala.
"Ngijabule kakhulu ukuthi lokhu ababekade besithembise khona ekuqaleni basigcinile ngampela isethembiso sabo,'' usho kanje.
UMnuz Msawakhe Zindela onikelelwe indlu azosebenzela kuyona edolobheni uthe kungathi uyaphupha ulele kusazothiwa akaphaphame.
"Namanje angikakholwa ukuthi lento yenzekile ngampela,'' usho kanje.
UNksz Sibisi uthe lusatshalaliswe ezingxenyeni ezahlukene zaseMnambithi.
"Lolu hlelo luhanjiswa kuwona wonke ama-ward ethu akhona lapha eMnambithi,'' usho kanje.
Uveze ukuthi kunezinhlelo ezinye abanazo ezimayelana nokuhanjiswa kwentuthuko kubantu bakule ndawo ezifaka phakathi ukuvulwa kwamahholo amasha ezindaweni ezahlukene.