KUSOLWA ingcindezi yesoka entombazaneni ena-14 okuthiwa iphose ingane yayo eneminyaka emibili ethoyilethi lomgodi elisemzini okwesinye isigodi ngoba igwema ukuhlukana nalo, emva kokuthi kuthiwa lithe aliyifuni.
Lesi sigameko sishiye amalungu omphakathi waseMancence, eBucanana, ngaphansi kukaMasipala waseMhlathuze, ebambe ongezansi ngeledlule. Kuthiwa ingane itholwe isaphila emva kwezinsuku ezimbili zonke iphakathi ethoyilethi lomgodi. Kuthiwa isesimeni esingesihle esibhedlela kanti kuvele ukuthi kuboshwe unina nalo isoka.
Induna yendawo, uMnuz Moses Sikhakhane, ithe lesi senzo sihlambalaza isigodi sayo ekubeni umsolwa engowesinye isigodi.
Elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uthe bathole ukuthi umsolwa ungowaseMabhensa, eMthonjaneni, kanti ubenesoka kulesi sigodi okuthe uma elivakashela nengane engazalwa yilo, lathi aliyifuni, ayibulawe. Kusolwa ukuthi yilapho-ke umsolwa, ongunina wengane, enqume ukudlula ayiphose ethoyilethi lomgodi komunye umuzi ngaphambi kokuthi abuyele ekhaya kubo.
Uthe uyise wengane wangempela sewashona.
“Sitshelwe abakubo ukuthi ufike ingane engayiphethe, okuthe uma ugogo wakhe ahlala naye embuza, wathi uyihambise kubo, bagcine sebesola ukuthi akakhulumi iqiniso. Ugcine ebatshele ukuthi uyishaye phansi ngekhanda wayilahla ehlathini, okuyilapho ethathwe amaphoyisa ukuyoyithungatha. Kuthe uma ingatholakali ehlathini abelikhombile, wawakhomba ethoyilethi lapho eyiphose khona,” usho kanje.
Uthe nakuba yena ubengekho kukhishwa ingane kodwa utshelwe ukuthi ibisesimeni esibucayi, ishile ezinyaweni ngenxa yendle kodwa isaphefumula. “Lesi sigodi sigxekwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, kuthiwa kwenziwa izinto eziyisihluku khona kanti abantu abazi ukuthi umsolwa ungowesinye isigodi nomasipala.
UNksz Zama Zulu, oyilungu lomndeni emzini okwatholwa kuyo ingane, uthe babezihlalele nje ngezikhathi zantambama ngesikhathi bebona umsolwa engena namaphoyisa beqonda ethoyilethi lalo muzi elingasasebenzi.
“Sashaqeka kakhulu. Intombazane sasingayazi, nathi udaba siluzwe sesilulandiswa nje, akekho obazi ukuthi kunengane ephoswe ethoyilethi lapha ekhaya. Isigodi abasuka kuso sikude kangangoba akuhambeki ngezinyawo uma uyakhona, kumele ugibele,” usho kanje.
Ikhansela lendawo, uMnuz Muzi Khumalo, lithe lesi sigameko sibe ngesibuhlungu kakhulu ngoba kugcina sekuhuduleka phansi igama lewadi yakhe. Uthe uhlela umhlangano nezinduna zalezi zigodi ukuze kubhungwe ngalesi sigameko.
Imizamo yokuthola imininingwane yokuxhumana nomndeni kamgilwa ayiphumelelanga.
Yize kuvele ukuthi nesoka ligcine lishaqwe amaphoyisa kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli imibuzo athunyelelwe yona ukuqinisekisa lesi sigameko.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal emgatholakali ukuphawula.