UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, uthi owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uzozinikela ngenhliziyo yakhe ngokuba phansi phezulu neqembu uMkhonto weSizwe. UMalema ubekhuluma esithangamini sabezindaba enkundleni iMoses Mabhida, eThekwini.
UMalema nezakhe bazinze KwaZulu-Natal, lapho bakhankasela khona ukhetho kanti balungiselela umcimbi wokwethula umqulu wokhetho ngFebhuwari 10. Kumanje amaqembu aphansi phezulu alungiselela ukhetho olubhekwe ngabomvu kulo nyaka.
UZuma ngasekupheleni konyaka odlule, wethule iqembu uMkhonto weSizwe, wathi usehamba nalo ngeke esayikhankasela noma ayivotele i-ANC. UMalema ubuziwe ukuthi abesabi yini ukuthi uZuma nezakhe bazobadlisela ogageni.
Uthe akudukizi ngisho inqulu kubona ngoba uMkhonto weSizwe yinto engekho nje. UZuma ngesikhathi ethula iqembu wathi bazama ukulungisa i-ANC ngoba basayithanda futhi abakashiyi kuyona. UMalema uthe yinganekwane yonke leyo.
“UMkhonto weSizwe yinto engathi shu engekho, uZuma uyazenzisa nje wenza ngathi angahlenga i-ANC ekubeni sekuphelile ngayo. UZuma uzomelwa yinhliziyo nje ngalento ayenzayo,’’ kusho uMalema.
Uthe indlela i-ANC efe ngayo ngisho uMandela engavuka emathuneni ngeke esakwazi ukuyihlenga. UMalema uthe ukudideka kukaZuma kubonakala ngokuthi athi uphumile khona lapho akashiyile kwi-ANC.
“Thina indaba yethu icacile nje asihlangene noMkhonto weSizwe futhi alikho ilungu lethu okufanele lizihlanganise nalelo qembu. I-EFF yiqembu elilodwa nje alikho elinye kodwa simfisela inhlanhla uZuma cishe kukhona azokuzuza,’’ kuchaza uMalema.
UMalema uthe into asebeyijahile wukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, amemezele usuku lokhetho ukuze kucace ukuthi kwenzekani.
Uqhube wathi konke sekumi ngomumo futhi bazimisele ngokugcwalisa inkundla iMoses Mabhida. Uthe babona sengathi kuyehlela KwaZulu-Nata,l bazothola inkindlane yamavoti bathathe isifundazwe.