INJABULO ecela umshado isithadwa sakhe seminyaka umethuli wezinhlelo ongomunye woDJ abavelele kuleli. UMacG wePodcast and Chill ucele uNaledi Monamodi umshado phambi kwezinkumbi zabantu izolo ebusuku ePitoli.
Lokhu kulandela ukuthi uMacG nethimba lakhe behlele indumezulu yomcimbi obuseSun Bet lapho bebegubha khona ukwenza kahle kwePodcast and Chill esinabalandeli abangu-1 million.
Ebonga kubantu ngokumesebeka, akazange akhohlwe yisithandwa sakhe uNaledi, asichaze ngokuthi singumuntu okade wayewa evuka naye engakabi ngisho noyedwa umlandeli.
"Wuyena kuphela umuntu wesifazane owama nami, wangithanda ngingeyilutho. Ziningi kakhulu izinto ezimangalisayo engingazichaza ngalo muntu wesifazane," kusho uMacG.
Ube esecela ukusebenzisa leli thuba lokuhlanganyela nabantu abamesekayo ukwenza obengakulindelele kuNaledi. Uwe phansi ngedolo wakhipha indandatho yedayimane wamcela umshado.
Kuyimanje ingena ingenile imibiko yokubahahalisela ezinkundleni zokuxhumana selokhu enze lokhu uMacG, abantu bayambongela ngokuma nowesifazane okade ewa evuka naye engeyilutho njengokusho kwakhe.
Abanye bamshayela ihlombe nangokukhula ngamandla kohlelo lwakhe, kwazise uluqale ngaphansi kwezimo ezibucayi.