OWESILISA obesolwa ngokuba ungqondongqondo wokusocongwa kukamshayeli wezimoto ezikhokhelwa ngokwamabanga eziwahambayo ulahlwe yicala.
Umufi uMnuz Siboniso Shangase kuvela ukuthi ngoFebhuwari 2021, wathola isicelo sokuba ahambise owesilisa emsusa emgwaqweni uMointy Nacker amyise eQueensburgh.
Owesilisa owayenze lesi sicelo nguLuyanda Makhanya, kuvela ukuthi wayehambisana nomngani wakhe u-Ayanda.
Kuvela ukuthi umufi wabathatha wabayisa lapho ababethe bafuna ukuya khona. Kuthiwa bamjikela endleleni bamphuca imoto.
Ngemuva kwalokho bamklinya, bambopha nezinyawo base bethatha isidumbu sakhe basifaka ngemuva emotweni.
Ngemuva kwalokho, kuthiwa basithatha basiphosa ehlathini laseMlaza. Bathatha imoto kamufi yohlobo lweToyota Etios, babeyishayela njalo uma bephuma esikoleni.
Bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela behamba ngayo imoto, base bewakhombisa amaphoyisa ukuthi isidumbu sikuphi.
Ngaphambilini, inkantolo ilalele ubufakazi obehlukene obebuthulwa ngabantu ebehlukene.
Omunye wabo kwakunguConstable Patrick Xaba owayekhona ngesikhathi kuthathwa isidumbu sikamufi eMlaza.
Walandisa inkantolo ngesimo sesidumbu, eveza ukuthi sase sonakele kangakanani. Wadalula nokuthi iphunga laso lalivimbanisile ngenxa yokuthi kwase kuphele isikhathi eside sisehlathini.
Waveza nokuthi kwakungelula ukubona ukuthi ngesikabani isidumbu kodwa wathi ilungu lomndeni lalingabona uma lizazi izingubo zikamufi.
Ubuso bukamufi kuthiwa kwakungeselula ukububona ngenxa yokuthi base budliwe yizibungu.
UMshushisi u-Advocate Thabani Buthelezi wanxusa inkantolo ukuba yenze okufanelekile, ekhala ngonya olwakhonjiswa ngesikhathi kusocongwa umufi.
IJaji uWilliem Nicholson limlahle ngecala uLuyanda njengoba kunguyena owenza isicelo sokubiza umshayeli we-Bolt.
Ungoti wenkampani iBolt South Africa, uMnuz Benjamin Meyer, wageqa amagula echazela inkantolo ngobufakazi abanabo obuqoshiwe ngosuku lwesigameko.
Wavezela inkantolo ukuthi ngokujwayelekile uma umshayeli ethola isicelo sokulanda umgibeli kuyavela kubona, wathi uma esemthathile kuyavela kubona futhi uma esekhokheliwe kuyavela ngoba umshayeli kunebhathini alicifizayo lokukhombisa ukuthi usemtholile umgibeli futhi usemkhokhelile.
Uthe kodwa ngosuku lokusocongwa kukamufi akazange alicifize ibhathini eliveza ukuthi usefikile lapho ayoshiya khona umgibeli. Lokhu wathi kwakungabangelwa ukuthi wayesevele eseshonile.
Uthe umufi akalicifizanga nebhathini lokuthi ukhokheliwe, nalapho wathi yingoba akazange akhokhelwe.
Namhlanje uyagwetshwa.