UKUNYAKAZISA umzimba noma ukuzivocavoca kwehlisa amathuba okuhlasela kokhwantalala kwabesifazane kodwa emadodeni akwenzeki okufanayo.
Lokhu kuvezwe ucwaningo olwenziwe yi-University of Cape Town (UCT) obelubheka ukuthi imithetho yezempilo ngabe kumele iqinisekise ukuthi abantu bayayinyakazisa yini imizimba ukuze kugwenywe ukuthi bahlaselwe ukhwantalala noma ingcindezi yomphefumulo.
Ngokwenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) balinganiselwa ku-264 million abantu abahlaselwa ukhwantalala emhlabeni ngonyaka. Ngokuvamile imbangela kuba ukuhlaselwa izifo ezingamahlalakhona, ukwehluleka ukwamukela uma kushone umuntu okukholakala ukuthi ukufa kwakhe bekungagwemeka nezinkinga zemali.
Abebenza lolu cwaningo olushicilelwe emqingweni wezempilo i-International Journal of Physical Medicine & Rehabilitation, bebebheka ulwazi olugciniwe lwamalungu eDiscovery Health neVitality angu-50 000, phakathi kuka-2013 no-2015 . Bathole ukuthi abantu besifazane kunamathuba aphindaphindwe kabili okuthi kutholakale ukuthi banokhwantalala noma ingcindezi.
Inhloko yalolu cwaningo uDkt Seranne Motilal, uthe uma becubungulisisa kahle ulwazi bathole ukuthi abesifazane uma sebeqale ukunyakazisa umzimba bayakwazi ukwehlisa amathuba okuhlaselwa yile simo ngo-16% kuya ku-19%
UDkt Motilal nozakwabo abebenza lolu cwaningo bathole ukuthi uma owesifazane enyakazisa umzimba okungaba imizuzu engu-30 ngesonto lokho kunganciphisa amathuba okuthi ahlaselwe yile nkinga . Uma enyusa indlela azivocavoca ngayo ancipha kakhulu amathuba okuthi ahlaselwe ukhwantalala.
Abacwaningi balandele indlela efanayo kwabesilisa, bathola ukuthi awukho umehluko owenziwa ukunyakazisa umzimba uma kubhekwa amathuba okuhlaselwa ilesi simo.
UDkt Motilal uthe babheke izizathu eziningi okungenzeka ukuthi yizo ezenza lokhu kodwa bagcina befinyelele ekutheni kungenzeka ukuthi lokhu kudalwa indlela imizimba yabesilisa neyabesifazane eyakheke ngayo.