UKUZIKHANDLA ngomsebenzi wansuku zonke kugcine kuthela izithelo kwabe-University of KwaZulu-Natal, bexhaswa ngosizo oluzoletha umehluko emtholampilo wabo ogxile kwezamehlo.
Lolu sizo, olunikelwe ngabe-OneSight EssilorLuxottica Foundation, luzokwenza lo mtholampilo ukwazi ukudiliva imikhiqizo nemithi emiphakathini yezindawo ezahlukene yabanenkinga yamehlo futhi luzoba wusizo futhi kwizitshudeni ezisacijelwa lo msebenzi.
UDkt Naimah Ebrahim, ofundisa izifundo zomkhakha wezamehlo kulesi sikhungo, ubonge i-OneSight EssilorLuxottica Foundation ngokubona kukuhle ukufaka isandla ukuqhuba umbono wabo.
“Siqale ubudlelwano nabo eminyakeni embalwa edlule ngenkathi beqoke izitshudeni zethu kolunye lwezinhlelo zabo okuyilapho ababona khona umehluko esiwenzayo emiphakathini, banquma ukusisiza njengoba sekunjena manje,” kusho uDkt Ebrahim.
Ezintweni ezizuzwe yi-UKZN kukhona ama-frame, ama-lense, ama-trial set nama-click check okuzoba wusizo olukhulu ekuqhubeni umsebenzi nsuku zonke, kusize nangokuthi kwehlise izindleko abebhekana nazo nsuku zonke.
“Iziguli eziningi azikwazi ukuzithengela ngokwazo izinsiza ezahlukene ezidingwa nezisetshenziswa ukwelapha izinkinga zamehlo ngakho lolu sizo luzolekelela ngokuthi kwehle umthwalo nakuzona, okuningi sekuzoba lula manje,” usho kanje.
Akupheleli lapho njengoba le nkampani izoqhubeka isize ngokuthi ezinyangeni ezintathu kusukela manje iyona esizokwengamela konke okwenzeka ema-laboratory omtholampilo.
Ibathengele nemishini yokusebenza elinganiselwa ku-R30 000 kuya phezulu, ezoba wusizo kakhulu nayo ngoba izitshudeni eziningi azikwazi ukuyithenga ngokwazo ngoba imba eqolo. Lokhu kuzozilekelela kakhulu uma seziqeqeshelwa umsebenzi kulo mtholampilo wesikhungo osuneminyaka ewu-35 ukhona.
UNksz Lameez Eksteen, enye yezimenenja zase-OneSight EssilorLuxottica, uthe ukusebenzisana kwabo ne-UKZN kuzosiza kakhulu ukuhlenga impilo yabantu abaningi abehlukene, into abazimisele ngokuyenza nakwabanye ngesikhathi esizayo.
I-UKZN ne-OneSight EssilorLuxottica Foundation sebevele baqalile bahlela izinhlelo zabazokwenza esikhathini esizayo, kubalwa nohlelo iVula Amehlo, oluhlose ukusiza intsha yasezindaweni zasemakhaya ukuvula amabhizinisi kulo mkhakha. Kuzosizwa nentsha efundele lo mkhakha ukucijwa ngokuthi asungulwa futhi aphathwe kanjani amabhizinisi.