UBONGE umkakhe nabo bonke abamesekayo umrepha uKuli Chana ngesikhathi ethweswa iziqu zeHonours Degree in Innovation and Entrepreneurship, e-AFDA College.
UKuli Chana uganwe wuLamiez Holworthy ongumethuli wezinhlelo nomsakazi kwiMetro FM osezakhele igama kakhulu endimeni yezokungcebeleka.
UKuli Chana ubhale kwiFacebook yakhe ukuthi ukuthola kwakhe iziqu ukuthatha njengesiqalo sohambo lwakhe.
“Kube wuhambo olumangalisayo, ngiyabonga kuWendy van Schalkwyk, Bozuko Nomlala, Bata Passchier ngokungeseka kwenu nokunginika ithuba. Lamiez Holworthy , siphumelele, saqala ngomjolo sashada saba abazali, sangena kwezokungcebeleka sadlulela kwezemfundo, ngiyabonga ukukholelwa kimi, kuseyisiqalo lesi !!!,’’ kusho uKuli Chana.
Uthe kusekuningi asafuna ukukufeza empilweni yakhe, imfundo nokuzithuthukisa kungokunye kwakho. UKuli Chana udume ngezingoma zakhe ezithandwa kakhulu, ethi Konka nethi Hape Le Hape nezinye eziningi ezithokozelwa abantu abakhonze umculo wakhe.
Umkakhe uLamiez, uphendulile naye kwiFacebook engeza nokuthi uKuli Chana usanda kuzuza indondo yeBest Innovation of The Year.
“Ngiyaziqhenya ngawe, ngiyagqugquzeleka, ngikubonile usebenza kanzima futhi kusenze saba munye sasondelana kakhulu kwathela izithelo.
Emuva kwalokho kulandele inkindlane yemiyalezo abalandeli babo behalalisa besho khona ukuthi babukela kubona bayafisa ukufika ezingeni labo.
Ngaphandle kukaKuli Chana, omunye obethweswa iziqu wuNobhala - Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, obenza iBachelor of Arts Degree in International Relations. UMarshall uphothule iziqu e-Unisa kanti ubongelwe wumholi wakhe uMnuz Julius Malema othe babeka imfundo phambili enhlanganweni yakhe.