UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthi ukwenyuka kwesibalo sabantu esifundazweni, nokufudukela kwabo bakwelikaMthaniya emadolobheni kwandisa umthwalo komasipala.
UNtuli uthe ukukhula kwesibalo sabantu ikakhulu ezindaweni zasemadolobheni kwenza ukuthi abantu bangabe besazithola ngendlela izidingo zikahulumeni.
Ukusho lokhu ethula inkulumo yokuvula umhlangano weKhabhinethi lesifundazwe, iLekgotla.
Lo mbuthano wezinsuku ezimbili ubanjelwe eThekwini, uzophela namhlanje.
UNtuli uthe imiphumela yokubalwa kwabantu yango-2022, ikhombisa ukuthi sikhulile kakhulu isibalo sabantu KwaZulu-Natal, ikakhulu ezindaweni ezisemadolobheni.
“Imiphumela ikhombisa ukuthi abantu abahlala KwaZulu-Natal bangu-12.4 million, siyisifundazwe sesibili ngokwesibalo sabantu abaningi. Lesi sibalo siwu-20% wesibalo sabantu baseNingizimu Afrika. Kusukela ngo-2011 isibalo sabantu KwaZulu-Natal sikhula ngo-1.9%.”
Izifunda ezinabantu abaningi kakhulu iTheku elino-4.2 million, noMgungundlovu onabangu-1.2 million.
Omasipala abanabantu abaningi uMasipala waseMsunduzi, owaseNewcastle, nowase-Alfred Duma.
Omasipala okwanda kakhulu isibalo sabantu kubo uMasipala waseNdumeni, owaseNewcastle, nowaKwaDukuza.
UNtuli uthe cishe ingxenye yabantu baKwaZulu-Natal ihlala emadolobheni, wathi iningi liseThekwini naseMgungundlovu, wathi nasemadolobheni amancane siyakhula isibalo sabantu abafudukela kuwo.
“KoMasipala waseNewcastle, nowaKwaDukuza isibalo sabantu sikhula ngo-3%. Ukufudukela kwabantu ezindaweni zasemadolobheni kwandisa ingcindezi ngasohlangothini lokuhlinzekwa kwezidingo, ikakhulukazi ukuhlinzekwa kwezindlu.”
UNtuli uthe isabalo sabantu esikhula kakhulu esalabo abasesigabeni sokufuna umsebenzi, wathi nakho lokhu kufaka ingcindezi yokuba kudalwe amathuba emisebenzi.
“Abantu abasesigabeni sokusebenza bangu-66% kanti u-27% wona izingane ezineminyaka engaphansi kuka-14 ngokweminyaka. Lokhu kusho ukuthi sinyuke kakhulu isibalo sabadala uma uqhathaniswa nabancane. Ukukhula kwabantu abasesigabeni sokufuna imisebenzi kusho ukuthi nomnotho kufanele ukhule.”
Ngesonto elizayo uNtuli uzokwethula inkulumo ngesimo sesifundazwe, iState of the Provinvce Address. Inkulumo kaNtuli izokuba ngoLwesihlanu, eMgungundlovu.
Kuzoqala iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sethule inkulumo emicimbini wokuvula isiShayamthetho, ozokuba ngoLwesine lwangesonto elizayo.
UNtuli uthe bazobeka phambili eyokulwa nobugebengu kanye nokutakula omasipala ababhekene nezinkinga.