UMSAMO: IDWALA LAPHAKADE
Kuloba uVelaphi ka Lu Phuzi 'VVO' Mkhize
Engosini eyedlule ngakhuluma ngezinto okufanele sizibheke uma sifuna unyaka u-2018 usihambele kahle ulethe nezinhlanhla. Engisola ukuthi kwagqama kwathinta abaningi yinkulumo yesibongo ngoba baningi abashaya izingcingo abanye bafika esigodlweni eMlambomunye befuna ukucaciselwa ngesibongo. Ephephandabeni langomhla-16 kwephezulu kubhale insizwa yakwaBhengu, uNtuthuko, ebeka eyakhe imibuzo noMichael Mkhize naye ephawula ngesibongo. Ngithe namhlanje angiphendule uNgcolosi noKhabazela nabaningi ababuza ngalolu daba. Ekuphenduleni kwami ngizoqala ngokuthi isibongo siwuMsamo wakho, konke oyikho, ngalokho uma konakele sona kuyefana nokuthi ukhona ungekho. Encwadini uMsamo noDengezi ngiyaveza izinhlobo zokuzaleka kwabantu nokuthi uma uzaleke ngalolu hlobo isibongo siduka kuphi nendawo na nokuthi kuqondiswe kanjani lapho konakele khona. Indaba yami angiyiqale kanje: abantu ababili okungumama nobaba uma bethandana bese benquma ukuthathana ngokuba yindoda nomfazi, bagcagcelane ngokwesintu, leyo ngane ibiza isibongo sikababa. Lapha ngizogcizelela umshado wesintu, ngoba lapho kushadwe ngomshado wesilungu kwangagcagcwa leyo ngane isesembangweni, ngoba umama akazange athelwe ngenyongo emzini, ngakho leyo ngane kusefana nokuthi eyakubo kamama. Nakhu-ke umama uyagcagca kodwa athi egcagca sekukhona ingane abese nayo ayithole engakagcagci, kokunye agcagce esezithwele, leyo ngane kufanele ukuthi ukuze kuphelele isibongo sayo, ikhishwe nonina ngembuzi ngamhlazane unina egcagciswa bese kubo kababa yenzelwa isiko lwesiphandla noma imbeleko.
Silahleka lapha-ke isibongo. Ingane ezalelwe ekhaya kubo kanina, uyise wahlawula noma wangahlawula leyo ngane eyakubo kanina. Ngothanda ukugcizelela eyokuhlawula, ukuhlawula akusho ukuthi uma ubaba wakho ekuhlawulile usungabiza isibongo sakhe. Ukuhlawula ukuvuma icala, nokugeza umuzi womnumzane onukubeziwe nokuziveza ukuthi nguwena onukubeze le ngane akubona abasekhaya kubo. Lapho uyohlala ubiza isibongo sasekhabo mama, ungumlanjwana. Uma ubaba wakho esefuna ukukubika esibongweni sakhe ngokungathathi umama kufanele aqale phansi ayokulobola bese ukhishwa ngembuzi ekhabo mama ubaba akungenise naye ngesiphandla kwesakubo isibongo. Ake sithi-ke ubaba wayeselobolile umama wakho, kwenzeka washona noma behlukana, lawo malobolo angasetshenziswa njengelobolo lakho, kuthiwe kulotsholwa wena bese ukhishwa ekhabo mama ungeniswe ekhabo baba ngayo imbuzi yembeleko.
UNgcolosi ubuza ukuthi uyakwazi yini ukuzenzela wena, nokuthi uyokwazi yini ukuthi ushise impepho ngesibongo sakomalume nomuzi ubize bani na? Umlanjwana zonke izinto zawo zilawulwa ekhabo nina. Okokuqala ngeke uze ukwazi ukuthi uzilobole wena, nokuzihlawula wena. Okwesibili, uma ungumlanjwana uyobiza leso sibongo, uganwe nezingane zakho zibize sona kuyoze kuyovalwa isizukulwane ngesizukulwane. Kuphela kuyohlale njalo kushiwo kuthiwe singubani bani isibongo ngokhokho owayengumlanjwana. Inkinga-ke lapha abantu abaningi bayesaba ukuba yimilanjwana sengathithi kulihlazo, abanye bathi abantu bazothini, abanye bathi uma uyingane yomfana kufanele ubize isibongo sikababa wakho.
Lokho ngumlotha wezinkuni ezibaswe izinkolo zokufika kwase kwakheka izinkoloze eziningi ezidunge isintu nesiko lomuntu omnyama. Nathi belaphi bendabuko esidukise abantu ngokungazi isiko nesintu. Kunemilanjwana eyizicebi, ababe nezinto ezinkulu ngenxa yesibongo kwahamba konke ekugcineni, sebelungisile kwabuya.
Kukhona lapho umama ethatha ingane ayogana nayo bese efika eyibiza ngesibongo salapho eganele khona, kuthiwe iyathengwa, akukho lokho, ukudukisa ingane okokugcina. Bese kuba khona umama owayeganile wagcagca indoda yashona, kokunye bahlukanisa bese ezaliswa omunye umuntu, leyo ngane akuyona eyakubo kanina noma kayise kodwa eyalapho unina ayeganele khona ngesibongo. Leyo ngane ifana nengane eyaphingwa okuthiwa yilongwe kumbe idaka. Siye sithi uma selapha sithi hhayi biza isibongo sikayihlo, inkoleloze yamanga leyo.
Isibongo somuzi owakhayo silawulwa yikhona konke-ke lokhu esesikubalule ngasenhla.
NANSI INDABA
Ukuzaleka kwakho akulona iphutha, kuyinhlanhla.
Bhedlindaba
033 569 1317/ 079 747 1911/ 072 879 2001.