IZINGANE ezikhulela ekhaya elinamakati nezinja mancane amathuba okuthi zibe nezinkinga zokuphathwa kabi ukudla okwaziwa ngana-allergies.
Ucwaningo iPLoS ONE olusanda kwenziwa eJapan, olushicilelwe emqingweni wezempilo i-Open-access Journal muva nje, luveza ukuthi izingane ezikhulele emakhaya anezilwane ezifana nezinja namakati noma kungathiwa lezi zilwane bezikhona ngesikhathi zona zisasesiswini, kazaliwa wukudla.
Lokhu kuyazisiza ekwehliseni amathuba okubazaliwe wukudla noma yimvelo ngoba zikhula imizimba yazo isijwayele uboya okwenza ukuthi imizimba yazo kungabe kusabalula ukuthi ibe nama-allergies.
USolwazi James Gern ocwaninga ngezifo ezithinta izingane e-University of Wisconsin eMadison, uthe kubukeka sengathi lolu cwaningo lushaya emhloleni ngoba naye wake walwenza phambilini lwaluveza okucishe kufane ngabantu abahlala nezinja namakati.
UGern uke wenza olunye ucwaningo olushicilelwe ngo2004 obelukhomba ukuthi abantu abanezinja namakati kukancane beba nezinkinga zokuphathwa kabi ukudla.
Uthe lolu cwaningo lwakamuva luveze ukuthi ukuba nezinja ekhaya kunomthelela omuhle empilweni yezingane ngoba kwehlisa amathuba okuthi zibe nenkinga yokuphathwa kabi ukudla nezinye izifo ezifana nezifuba esinomsindo, izinkinga zokuphefumula nezinye izifo.
Lolu cwaningo lwakamuva beluholwa uSolwazi Hisao Okabe wophiko olucwaninga ngezifo ezithinta izingane, eFukushima Medical University.
Bebelwenza ngokuhlaziya ulwazi olwalutholakale ngesikhathi kwenziwa ucwaningo olubizwa ngeJapan Environment and Children Study olwenziwa ngo-2011 kuya ku-2014.
Lona olwenziwa ngokucubungula ulwazi olwalutholakale emakhadini achaza ngezifo ezihlasela izingane ezisezikhungweni zezempilo nokukhuluma nabantu kubhekwa abaliwa wukudla. U-Okabe nozakwabo bebebheka ukuthi ngabe izingane ezikhulele emindenini enezinja namakati mangakanani amathuba okuthi zaliwe wukudla okufana nobisi, amaqanda, ukolweni ne-soya beans, bathola ukuthi ayehla amathuba ezinganeni ezizalwa emakhaya analezi zilwane.