IBINQABA ukwaliwa indoda eboshelwe ukuklinya intombi yayo ngentambo yebhuzu yaze yashona, maqede yalahla isidumbu eceleni kwendlela eNazaretha, ePinetown.
UNksz Zanele Dlamini ongumzala kamufi, uthe umgilwa uNksz Anele Ngcobo (21), ubekipitile nomsolwa uMnuz Vusi Mathe (32), futhi ubesho ukuthi uyamhlukumeza ngokumshaya.
UNksz Dlamini uthe umufi ubephuma ukuyolanda incwadi yesivikelo sasenkantolo, emuva kokubika emaphoyiseni ngokushaywa. Kuthiwa ngesikhathi umufi eqoqa izimpahla zakhe kuthushuke isoka, elithe licela ukuxoxa naye.
Eqheba echaza uNksz Dlamini, uthe ngemuva kwezinsolo zokuthi kukhona okwenzekile kumufi, bambuzile umsolwa kodwa wathi umgcine ethi uya kumngani wakhe. Uthe bashaqekile bezwa ukuthi isidumbu sika-Anele sitholwe sinezibazi zokuklinywa nentambo yebhuzu ebisonte intamo.
“Sithe uma sizwa kuthiwa kunesidumbu sowesifazane esitholakale ehlathini, saphuthuma khona. Ngemuva kokuthi sithole ukuthi ngesika- Anele, ngiphuthume esokeni lakhe ukuyolibuza ukuthi ukuphi u-Anele. Alizange lifihle lutho, lisithathile layosikhombisa lapho elithe limbulalele khona,” kuchaza uNksz Dlamini.
Uthe akukho obekukhombisa ukuthi umsolwa uyazisola ngesenzo sakhe ngoba ebebukeka ekhululekile.
“Ngesikhathi ngiyolanda isitifiketi sengane yabo endlini abebehlala kuyo, ngifice izinto ezingaqondakali. Ngaphansi kombhede bekunomkhonto bese kuba no-Okapi eduze kwamakhandlela abomvu obekukhomba ukuthi ayakhanyiswa. Ngibone nommese obuboshwe ngentambo ebomvu nemithi ebigcwele indlu yonke,” kulanda uNksz Dlamini.
Uthe okumthuse kakhulu ukuzithela emgodini omkhulu obusendlini angaqondanga naye ukuthi bewumbiwelani.
Umphakathi kuthiwa udiniwe maqede wangqongqisa umjondolo obekuhlala kuwo izithandani. Ithimba leSolezwe ngeSonto lifice yonke into ebisemjondolo isiwumlotha. UNksz Dlamini, uthe bayafisa ukuthi umsolwa agcinwe esitokisini ukuze agwetshelwe ukubulala umzala wakhe njengoba ngoLwesihlanu uvele eNkantolo yemantshi ePinetown.
“Okunye okwenza ukuthi singafisi aphume ejele uVusi wukuthi uke wasabisa udadewabo ka-Anele, wathi kukhona azokwenza kuyena ngoba uzazi zonke izinkinga zabo,” kusho uNksz Dlamini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala, uqinisekisile ukubulawa kwentombi wathi umsolwa uboshiwe.
“Kuthiwa bekuyoshaya ihora lesithupha ekuseni ngesikhathi kutholakala isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-20 ngasemfuleni. Kuthe uma sibhekisiswa kahle kwabonakala ukuthi kunezinkomba zokuthi siklinyiwe. Kuboshwe umlisa oneminyaka engu-32 wavela eNkantolo yeMantshi ePinetown, ngecala lokubulala,’’ kusho uLt-Col Gwala.