UTHE aboMdabu baseNdiya bazixebulela umkhome kuMasipala weTheku uMholi we-EFF uMnuz Julius Malema. Uthe abamnyama babhuqwabhuqwa yindlala abatholi lutho. UMalema ubethula inkulumo emcimbini weqembu wokugubha iminyaka emine lasungulwa obusenkundleni, iCurries Fountain, eThekwini, izolo. Uthe yonke into ephathelene nomnotho iphethwe abohlanga lwamaNdiya.
"Abantu bakithi bayakhala la eThekwini, balambile. Lokho kudalwa wukuthi yonke into esile ethinta umnotho isezandleni zohlanga lwamaNdiya. Kufanele iphele leyo nto wonke umuntu kufanele ahlomule emnothweni wezwe,’’ kusho uMalema.
KUMENYEZELWE ukuthi lizonikelelwa abahlwempu ikhekhe lokugubha iminyaka emine kwasungulwa i-EFF emcimbini obuseCurries Fountain, eThekwini, izolo Isithombe: SIBUSISO NDLOVU
Uthe akazizondi ezinye izinhlanga, kodwa kuba buhlungu ukubona abantu bakuleli bekhishwa inyumbazane emnothweni. Wathi nendlela lolu hlanga oluphethe ngayo abantu abamnyama nasezindaweni zokusebenzela iyakhalisa.
"Lolu hlanga kumele luzifundise ukuhlalisana kahle nabantu bakithi lubahloniphe. Nalabo abasebenzela lolu hlanga bakhala esifanayo ngendlela abaphethwe ngayo. Babaholela ngamapuleti okudla bangabaniki imali efanele,’’ kusho uMalema.
Ukhale nangezikole zakuleli ezicwasa abafundi abamnyama wathi kufanele zivalwe. Uthe akufanele abafundi abamnyama bakhishwe inyumbazana ezikoleni ngenxa yezinwele zabo.
"Yini embi ngezinwele zethu ngoba nathi asikaze sisho lutho ngezinwele zabo eziyephuzelayo. Uma kukhona isikole esisaqhuba ubandlululo kufanele singananazi siqonde kuso sisivale thaqa. Kumele siyizwe le nkululeko akufanele sihlale ngokwesaba ezweni lethu,’’ kusho uMalema
Unxuse amalungu eqembu lakhe ukuthi asukume avikele abantu besifazane ababhekene nesikhathi esinzima sokuhlukunyezwa.
"Kungumthwalo wethu ukuvikela abantu besifazane kulezi zishimane zamadoda ezingakwazi ukushela ezazi ukudlwengula. Zenza okunzima ke manje zibamba ngisho ogogo, yimihlola le okufanele siyikhuze.’’
Uphinde waphawula ngodaba lwevoti lokungabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma wathi bami ngomumo ukumkhipha esikhundleni.
"Uma uSomlomo eke walokotha wanqaba sivote ngokuyimfihlo, uyobe ezilayile ngoba amaphepha aselungile siyoya sigijima enkantolo.’’