IKHALA ezimathonsi indoda esola ikhansela le-NFP kuMasipala i-Alfred Duma, ngokubaleka nemali yayo enguR18 500 wenkomo nesiklabhu alidayisela khona.
UMnuz Sabatha Hlongwane waseMnambithi, uthi ikhansela, uNkk Bonisiwe Biyela, lafika kuye lizokhankasa lase libona inkomo enhle, lacela ukuba alikweletele yona nesiklabhu lifuna ukuyohlabela umphakathi liwubonge ngokulivotela.
UHlongwane uthi ikhansela lithathe inkomo nesiklabhu ngoAgasti walo nyaka, laba wumuntu ozokhokha ngasekupheleni kwawo kodwa lutho kalisafuni.
UHlongwane uthe akasalali ngisho ebusuku inhliziyo yakhe ibuhlungu ngoba wayelethemba ikhansela njengomholi womphakathi.
“Wathatha inkomo enkulu kunazo zonke nesiklabhu ngaphezulu. Manje akasafuni nemali yami. Ingiphatha kabi le nto. Angisalali nasebusuku manje. Nginabo ofakazi abaziyo ukusuka nokuhlala kodaba. Kuyaziwa nje. Ngiyacela ayibuyise imali yami njengokwesivumelwano,’’ kusho uHlongwane obekhuluma aze akhushukelwe wumoya, ezwakala ukuthi uphatheke kabi.
UHlongwane uthe usezame konke okusemandleni elincenga ikhansela ukuba libuyise imali yakhe, kodwa ikhansela kaliyingeni indaba yakhe. Ikhansela uNkk Biyela lithe liyayazi indaba yenkomo kaHlongwane kodwa liyasola ukuthi sekuhlangene nempi yezepolitiki ngendlela indaba eqhamuka ngayo.
“Okokuqala nje, ngazi ukuthi inkomo ibiza uR10 000, angiwazi uR17 500 lo awushoyo. Okwesibili, wukuthi savumelana ngokuthi ngizokhokha ngoDisemba futhi isiklabhu angisazi ngoba uHlongwane wathi uyanikela ngaso emphakathini. UHlongwane wayilandela inkomo wazoyidla naye, wafika nezinkuni,’’ kusho uNkk Biyela.
Uthe okumphatha kabi wukuthi uHlongwane uhamba engcolisia igama lakhe kubantu, futhi udaba walufaka nasemsakazweni wendawo.
“Ukhona umuntu esinaye eqenjini ohlohla uHlongwane, ukuthi enze yonke le nto ngoba kuliwa izimpi zepolitiki. Intombi yalowo muntu ilandela mina ohlwini lwamakhansela. Uma ngigudluka mina kungangena yona, yingakho belwa nami,’’ kusho uNkk Biyela.
Phezu kwakho konke lokhu uHlongwane umile ekutheni ikhansela libaleka nemali yakhe. Uthe inkomo uyibiza uR17 000 noR1 500 wesiklabhu.