UHULUMENI waKwaZulu-Natal uzongenela ezinkingeni ezikhungethe omasipala bakulesi sifundazwe.
Uhulumeni wesifundazwe uthathe isinqumo sokulekelela bonke omasipala.
Le sinqumo sithathwe emhlanganweni wezinsuku ezimbili wekhabhinethi, ilekgotla, ophele ngoLwesithathu.
Undunankulu, uMnuz Thami Ntuli, uthe bonke omasipala baKwaZulu-Natal bayalelwe ukuba balwele ukuthola imibiko yomcwaningi mabhuku engenagcobho kulo nyaka wezimali ozoqala.
“UMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana (uMfu Thulasizwe Buthelezi) sithe akahambe ayobheka ukuthi imaphi amaphuzu amqoka omasipala okufanele sibalekelele kuwona ukuze bathole imibiko engenawo ugcobho. Nokuthi akufanele sifike komasipala ngoba nakhu umcwaningi mabhuku esekhiphe imibiko. Kufanele imibiko yokusebenza kwemali yomasipala siyithole njalo emva kwezinyanga ezintathu.”
UNtuli uthe omasipala babambe iqhaza elikhulu ekuhanjisweni kwezidingo.
“Sithe ngeke sikubekezelele ukuthi omasipala bangenzi kahle. Omasipala bayithemba lethu. Intuthuko eningi yenziwa omasipala.”
UNtuli uthe uhulumeni wesifundazwe usuzosebenzisana nomasipala.
“Siqala umkhuba omusha manje wokusebenzisana nomasipala. Akufanele nje uma siyosebenza ezindaweni zomasipala, singabazisi. Omasipala abangaboni nje sesiqhamuka. Lokhu sizokwenza ngokubambisana nenhlangano yohulumeni basekhaya.”
Ikhabhinethi yaKwaZulu-Natal ibunjwe amaqembu ehlukene, iqembu elathola amavoti amaningi esifundazweni iMK, lasala ngaphandle ngesikhathi kubunjwa uhulumeni, nosekwenze ukuthi kube khona abangawamukeli uhulumeni wesifundazwe.
UNtuli ukuvumile ukuthi nakuba bona bebumbene njengamaqembu abusa ngokubambisana, abantu baKwaZulu-Natal basahlukene phakathi.
“Kufanele siqhamuke nomyalezo ozokhombisa ubumbano. Thina njengamaqembu aphethe ngokubambisana kufanele sikhombise ubumbano.”
UNtuli uthe wonke amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana, i-IFP, ANC, DA, neNFP, azimisele ukubona uhulumeni wesifundazwe uphumelela.
“Indlela okuyiyona, kufanele umuntu we-IFP akhathazeke uma kunezinkinga kwi-ANC, nowe-ANC kufanele akhathazeke uma kunezinkinga kwi-IFP ngoba sonke sifuna ukuthi kube nozinzo kula maqembu. Uma kunozinzo kula maqembu kusho ukuthi uhulumeni wobumbano ngeke uphazamiseke.”
UNtuli umemezele ukuqokwa koMphathiswa woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Siboniso Duma, esikhundleni sokuxhumanisa ikhabhinethi lesifundazwe nesiShayamthetho.
UDuma ubevele esiphethe le sikhundla ngesikhathi kusaphethe i-ANC.
“Uzokwenza isiqiniseko sokuthi awungeni lapho kungafanele ungene khona, ukuze kungabikhona ukuphambana kokusebenza kuhulumeni wethu.”