UHULUMENI waKwaZulu-Natal usuqale izinhlelo zokuqeda inkinga kagesi.
Uhulumeni wesifundazwe uveze ukuthi uxoxa nongoti bezamandla ekuzameni ukuthola isisombululo kule nkinga ekhungethe izwe lonke.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube uveze ukuthi kuzokwakhiwa ikomiti longoti elizojutshwa ukuba liqede inkinga kagesi esifundazweni.
Leli komiti lizomenyezelwa ekupheleni kwenyanga.
Lokhu ukusho ngesikhathi enomhlangano nosomabhizinisi nongoti kwezamandla.
“Njengoba sibize lo mhlangano sibona kunesidingo sokuthi uhulumeni usebenzisane nosomabhizinisi nemiphakathi ekuqhamukeni namacebo azoholela ekutheni kunciphe ingcindezi ekhona kugesi wethu.
“Kufanele senze isiqiniseko sokuthi ukusebenza komnotho akuphazamiseki. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi inkinga kagesi asigcini nje ngokuyinciphisa, kepha siyayiqeda.”
UNkk Dube-Ncube uthembise ukuthi isifundazwe sizoqhamuka nezisombululo ezisheshayo enkingeni kagesi.
“Sizobheka izisombululo zesikhashana nalezo zesikhathi eside. Ngenxa yokucishwa kukagesi, osomabhizinisi kanye nabantu bakuleli bathwale ubunzima obukhulu. Iqiniso lithi alikho izwe elingakwazi ukuqeda ububha libe lingenawo ugesi.”
UNkk Dube-Ncube uthe kubalulekile ukuthi osomabhizinisi kanye nemiphakathi bafundiswe ngamaqhinga okonga ugesi.
“Kufanele sizijwayeze ukuthenga izinto eziwudla kancane ugesi. Ukufundisa abantu ngokonga ugesi kungasilekelela kakhulu futhi kungaholela ekutheni yehle ingcindezi yokushoda kukagesi.
“Kufanele sigqugquzele abantu ukuthi basebenzise ugesi wamandla elanga kanye nowomoya. Kufanele kube nemihlomulo ezotholwa ilabo abazosebenzisa ugesi welanga nowomoya.”
UNkk Dube-Ncube ucele ukuba kube nokusebenzisana nezinye izifundazwe ekusonjululweni kwenkinga kagesi.
UNkk Dube-Ncube uphinde wakushayela ihlombe ukuqokwa kukangqongqoshe kagesi, uDkt Kgosientso "Sputla" Ramokgopa.
URamokgopa umenyezelwe umengameli, Cyril Ramaphosa, ngoMsombuluko.
UNkk Dube-Ncube uthe uyamethemba uRamokgopa ukuthi uzokwazi ukusombulula inkinga kagesi ekhungethe elakuleli.
“Siyamazi kakhulu ukuthi ungomunye wabasebenzi bakahulumeni abayaziyo imithetho futhi uphinde abe namava kwezobuchwepheshe. Asikungabazi ukuthi uzokwazi ukuwenza kahle umsebenzi awunikiwe. Sesikulangazelele ukukhuluma naye ukuze siqhamuke nezisombululo enkingeni kagesi.”