PHEZU kokuba uhulumeni ashaya umthetho wokuthi akufanele kuphele izinsuku eziwu-30 osomabhizinisi bengakhokheliwe uma sebeqede ukwenza umsebenzi kodwa lo mkhuba usaqhubeka.
UMnyango wezeziMali uveze ukuthi kunyaka wezimali ka-2023/24 iminyango kahulumeni ikhokhele imisebenzi ewu-362 068 eyenziwe wosomabhizinisi abahlukene.
Kule misebenzi imali ewu-R35.1 billion ikhokhwe sekudlule izinsuku eziwu-30.
Kuvele ukuthi ngoMashi iminyango kahulumeni ezifundazweni ibikweleta osomabhizinisi uR10.7 billion ngemisebenzi asebeyenzile. Bebekweletwa le mali yize sebethumele zonke izimfanelo zokuqeda umsebenzi futhi sekuphele nezinsuku eziwu-30 bazithumela.
Lesi simo sibeka engcupheni osomabhizinisi nempilo yabasebenzi abaqashwe kulawo mabhizinisi.
UMnuz Malusi Zondi ongumengameli weBlack Business Federation (BBF) uthe kuyishwa ukuthi iminyango kahulumeni isaqhubeka nokungakhokhi ngesikhathi.
“Isimo esibuhlungu sokungakhokhelwa kosomabhizinisi uma sebeqedile ukwenza umsebenzi kahulumeni. Okubuhlungu wukuthi abakhokhelwa yize bezithumela zonke izimfanelo zokuqeda umsebenzi nezemali okufanele bayithole. Kubi ukuthi uhulumeni ushaya umthetho wokuthi abantu abakhokhelwe ngesikhathi kodwa abasebenzi bakhe abawulandeli,” kusho uZondi.
Uthe ngenxa yalesi simo amabhizinisi amaningi ayavalwa ngoba uma usomabhizinisi engakhokheliwe kusho ukuthi izikweletu ziyanda, abasebenzi abaholi bese ephoqeleka ukuthi avale.
Ubuye waveza ukuthi muva nje, kunosomabhizinisi abangakhokheliwe ngoba kuthiwa bajeziselwa ukuvotela amanye amaqembu abengaphethe umbuso.
Ucele uhulumeni ukuthi aqinise isandla kubasebenzi abangakhokheli osomabhizinisi ngesikhathi ngoba lokhu akuhlukumezi nje usomabhizinisi kodwa kuhlukumeza nezinkumbi zabantu abaqashwe wosomabhizinisi.