UMNYANGO wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal usamukele isinqumo senkantolo esivune uhulumeni mayelana nodaba lokudliwa komhlaba eCato Crest, eThekwini.
NgoLwesihlanu inkantolo inqume ukuthi labo abadle umhlaba kumele benze izethulo eMkhandlwini weTheku bachaze ukuthi kungani kumele bangakhishwa kuwo.
Ngokomyalelo wenkantolo, umphakathi kumele unikezwe isexwayiso ngaphambi kokuthi ukhishwe emhlabeni okungewona owawo.
Labo abadle umhlaba kuthiwe kumele babe sebephumile kule ndawo ngoLwesihlanu, baxwayiswa ngokuthi uma bengaphumi bazokhishwa ngodli.
“Ukudliwa komhlaba kuphazamisa uzinzo kuphazamise nokuhanjiswa kwezidingo emphakathini,” kusho uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay ngemuva kwesinqumo senkantolo.
UPillay uncome iMeya yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede ngokuma ivikela umhlaba kamasipala.
“Ukudliwa komhlaba akuyona into efunwa wumphakathi, lobu wubugebengu ngoba abantu bagcina sebedayisa nezindawo okungezona ezabo,” kusho uPillay.
Uthe umnyango wakhe ukhiphe izindawo eziwu-10 000 ukuze kwakhiwe imizi kuzona.
“Siyaqonda ukuthi abantu bayawudinga umhlaba kodwa sithi konke kumele kwenziwe ngokulandela umthethosisekelo,” kusho uPillay.
UNkk Gumede naye usamukele isinqumo senkantolo.
Unxuse izakhamuzi ukuthi ziyeke ukudla umhlaba.
“Siyidolobha elinakekelayo kodwa asisoze savumela ukuthi kube khona abantu abaphula umthetho. Kumele sizivikele izakhamuzi ezisuke zihlukunyezwa wumkhuba wokudliwa komhlaba,” kusho uNkk Gumede.
Uthe umkhuba wokudliwa komhlaba ungcolisa igama ledolobha ngakho kumele unqandwe.
“Kunabaholi abasebenzisa abantu ukufeza izinhloso zabo. Siyabanxusa abantu ukuthi bangavumi ukusetshenziswa ngoba lo mkhuba ubalekisa nabatshali mali edolobheni,” kusho uNkk Gumede.