EMBHIDLANGWENI wokudala amathuba omsebenzi, ikakhulukazi entsheni engasebenzi, uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal usuqashe intsha engu-326.
Kuthiwa laba abaqale ukusebenza ekuqaleni kwale nyanga, bazokwengeza entsheni engu-142 esivele isisebenza, yaphinde yelulelwa izinkontileka zayo ngeminyaka emibili.
UNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe bonke laba bafakwe ngaphansi kohlelo lokuqeqeshwa nokunikezwa isipiliyoni somsebenzi.
Uthe lokhu kuzolekelela ekutheni umnyango uthuthuke eminxeni eyahlukene.
“Uhulumeni uzimisele ngokudala amathuba omsebenzi nokuthuthukisa abantu abasha. Senza isibophezelo sokuthi sizosebenzisa uhulumeni ukudala amathuba omsebenzi. Abantu abasha bayikusasa laleli lizwe. Uhulumeni udinga intsha ezoletha imibono emisha, ukuze kufezeke umsebenzi wokuhanjiswa kwezidingo kubantu,” kusho uHlomuka.
Uthe njengoba siphezulu kakhulu isibalo sabantu abangasebenzi, uhulumeni kufanele angenele ukudala amathuba omsebenzi.
Uthe bafuna ukuqinisekisa ukuthi uma kukhona amathuba omsebenzi avelayo, ikakhulukazi ekulungisweni kwengqalasizinda, kube ngabantu abasha ababekwa phambili kulolo hlelo.
Ngale kwalolu hlelo uthe zikhona nezinye izinhlelo abanazo, okubalwa phakathi kwazo ukuthuthukiswa kwabantu besifazane.
Uthe ngaphezu kwalokhu, uMnyango unolunye uhlelo olubizwa ngokuthi iVukayibambe Routine Road Maintenance (VRRM).
Uveze ukuthi ngaphansi kwalolu hlelo uMnyango uqashe intsha engaphezu kuka-6000 kuzo zonke izifunda zaKwaZulu-Natal.
Kuvele ukuthi uMnyango uphinde ube nohlelo lwemisebenzi yesikhashana, olubizwa ngokuthi yiZibambele lapho oqashe khona abantu besifazane emakhaya, okuqashwe khona abangaphezu kuka-41 000.
“Ngalokhu sizimisele siwuMnyango ukuphuthumisa ngesivinini izinsiza emphakathini ngendlela efanele,” kusho yena.