OWACHITHWA kwesokuba yijaji, uDkt John Hlophe, umenyezelwe njengomholi weMK ePhalamende.
UHlophe, owayengumengameli wamajaji eWestern Cape, wachithwa ekubeni ijaji ngasekuqaleni konyaka.
Iningi lamalungu ePhalamende lavotela ukuthi uHlophe achithwe emuva kokuthi uphenyo lwathola ukuthi wazama ukunxenxa amajaji ukuba enzelele umholi weMK owayebhekene necala lenkohlakalo ngaleso sikhathi, uJacob Zuma.
Uphenyo lwathola ukuthi uHlophe waphula umthetho wokuziphatha, wathunaza umkhakha wamajaji. Kwakungokokuqala ngaphansi koMbuso wentandoyeningi ukuba kuchithwe ijaji.
Yize iMK ibingakakumemezeli ukuqokwa kukaHlophe, incwadi yangaphakathi eputshukile ikhombisa ukuthi uHlophe usesiqhoqhobele isikhundla.
Incwadi eputshukile ibhalwe ngunobhala jikelele weMK, uMnuz Arthur Zwane. Le ncwadi ibhekiswe kubo bonke osotswebhu beMK ebangaphansi kweziShayamthetho, ibiza uHlophe ngosotswebhu wasePhalamende. Yize kunjalo kodwa leli qembu libuye lakuchitha ukuthi uHlophe usenalesi sikhundla.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uHlophe usilungele isikhundla aqokelwe kusona.
"Uyisishoshovu esizabalaze iminyaka silwela ukuba kube nokulingana. Kuyasijabulisa ukuthi uHlophe abe ingxenye yeMK. Sizimisele ukuhlanganisa bonke abafuna ukubona abantu abamnyama beya phambili."
UNdhlela uthe uHlophe uzoqapha ngeso lokhozi ukusebenza kukahulumeni wobumbano oholwa i-ANC, DA namanye amaqembu amancane.
UHlophe kulindeleke ukuthi afunge namanye amalungu eMK. Wonke amalungu eMK awazange aye ukuyofungiswa mhla kwakufungiswa amalungu ePhalamende.
Lokhu ayekwenza ngoba ekhala ngemiphumela yokhetho, aze azama nokumisa umcimbi wokufungiswa kwamalungu ePhalamende, kepha inkantolo yabachitha.
Emuva kokufungiswa kwamanye amalungu ePhalamende, iMK yamemezela ukuthi amalungu ayo azokuya kofungiswa. Akukacaci ukuthi azofungiswa nini amalungu eMK. IMK yathola izihlalo ezingu-58 ePhalamende.
Ohlwini lwamalungu eMK aya ePhalamende kukhona indodakazi kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, owayenguNgqongqoshe ngesikhathi kusaphethe uZuma, uMnuz Des van Rooyen, ikhansela lakumasipala waseThekwini, uMnuz Visvi Reddy, nobengunobhala jikelele weMK, uMnuz Sihle Ngubane.
Uhlu lokuqala lwamalungu eMK aya ePhalamende lwalukade luholwa nguZuma, kepha wakhishwa emva kokuthi inkantolo inqume ukuthi akakulungele ukuba ilungu lePhalamende ngoba wagetshwa isikhathi esingaphezu konyaka ebhadla ejele.
Igama likaZuma lalilandelwa elaloyo owabhalisa ngokusemthethweni iMK, uMnuz Jabulani Khumalo.
UKhumalo ngeke afungiswe namanye amalungu eMK ngoba waxoshwa enhlanganweni. UKhumalo uzame wehluleka ukuphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe.