UPHAKATHI kweziboshwa ezihlomule kushwele kamengameli umrepha uPitch Black Afro, obedonsa isigwebo sokubulala ngokungenhloso ingoduso yakhe.
UPitch Black Afro, igama lakhe langempela nguThulani Ngcobo, udedeliwe ejele emuva kokudonsa iminyaka emithathu.
Ushwele otholwe ngumrepha ufana nalowo osanda kunikwa owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, obekufanele abuyele ezikhindini emuva kwesinqumo senkantolo. UZuma walunguza kancane ejele wadedelwa, watshelwa ukuthi uthole ushwele.
UPitch Black Afro wazakhela udumo ngezingoma ezithi Ntofontofo, Neva Let U Go nethi Day In The Life nezinye ezathandwa kakhulu.
Isigameko esaholela ekufeni kwengoduso yakhe senzeka ngoDisemba 31, 2018, endaweni yokulala eqashwayo eYeoville. Kuthiwa kwaba nengxabano baze balwa. Kwavela nokuthi kwakuphuzwa ngesikhathi kwenzeka isigameko futhi kwakukhona nabanye abangabani babo.
Kwavela ukuthi umufi walimala kabi ekhanda nokwaholela ekushoneni kwakhe kwase kuboshwa umrepha. UPitch Black Afro ngo-2020 wagwetshwa iminyaka ewu-10, ngokubulala ingoduso yakhe uNksz Cathrine Modisane, walengiselwa emihlanu. Ngesikhathi egwetshwa wayesevele ehlale unyaka nezinyaka ezinhlanu ejele.
UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthe umrepha uhlomule ohlelweni lukashwele okuthe uma kubhekwa kwabonakala ukuthi angadedelwa. Bathe ukudedelwa kwakhe akunayo imibandela ethile ngoba isigwebo siphelile.