IBHUNGU laseThekwini elenza unyaka wesithathu eDurban University of Technology (DUT), libalwe ohlwini lwentsha ewu-200 eyenza ezibukwayo emikhakheni ekuyona.
U-Enzokuhle Sabela (21) waseWestville, eThekwini, wenza izifundo zobuntatheli kanti uhlonishwe emcimbini obizwa nge-Mail and Guardian 200 Young South Africans njengomunye wabantu abanomthelela omuhle emkhakheni awenzayo emcimbini obubanjelwe eGoli, muva nje.
Leli bhungu linePodcast okudingidwa kuyo izindaba ezithinta ipolitiki, esigxile eDUT. Wengamele uhlelo lokucija abaholi bakusasa iTomorrow’s Leaders in Training kanti usebhale nezindaba ezinohlonze yize esayisitshudeni.
Ekhuluma neSolezwe uthe namanje akakakholwa ngempela ukuthi uhlonishiwe.
“Kuwumuzwa engisazama namanje ukuwamukela futhi kuwudumo nelungelo elikhulu kimi ukuthi ngibe yingxenye yohlu lwalabo abahlonishiwe ngo-2024. Ngiyabonga kakhulu,” kusho uSabela.
Uthe ukuthola le ndondo engakaphothuli ngisho izifundo zakhe zobuntatheli kuyinto enkulu kakhulu.
“Bengingakaze ngicabange ukuthi ngizohlonishwa futhi ngithole umklomelo walolu hlobo ngikakaziphothuli izifundo zami,” usho kanje.
Uqhube wathi ukusebenza kanzima ngaphambi kokuthi uqede iziqu zakho kubalulekile.
“Ukusebenza kanzima futhi wenze ukuxhumana nabantu abanomqondo ocabanga njengowakho kanye nalabo abasemkhakheni wezobuntatheli kuzohamba ibanga elide,” ubeke kanje.
Uthe ohlwini labantu abukela kubo kubalwa abafundisi bakhe okungoMnuz Siphumelele Zondi, Sphelele Ngubane, Nksz Ayesha Mall, Deseni Sooben noSlindile Khanyile. Emkhakheni wezobuntatheni ubukela ezingqweleni ezifana noXoli Mngambi, Stephen Grootes noSherwin Bryce Pease.