LISHONE emini kubasolwa ababili abalahlwe uhide lwamacala ahlanganisa ukugqekeza ngenhloso yokulimala, ukubulala ngokuphatha isibhamu ngokungemthetho.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni i-Eastern Cape, uMajor General Mboiki Obed Ngwenya, uncome ukusebenza ngokuzikhandla kwabaphenyi nethimba labashushisi kugwetshwa kanzima abalisa ababili uLwando Ntiyantiya (36) noNkosekhaya Lloyd (38).
Laba baboshwa uphiko olulwa nobugebengu endaweni yaseCentani, ngemuva kophenyo olunzulu olwenziwe wuphiko oluphenya amacala abucayi koKlebe kulandela isigameko sokugetshengwa kwemoto yemali ngoMashi 25, 2022.
Uphenyo olwenziwa ngamaphoyisa lwaveza ukuthi laba bayathinteka emacaleni abandakanya ukugetshengwa kwezimoto zemali njengoba kwenzeka ngoMashi 2022, ngesikhathi beboshwa ngemuva kokugebenga iG4S endaweni yaseCentani.
“Kulesi sigameko kwaba nokudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa, ngeshwa kwafa umuntu ongenacala owayedlula kule ndawo ngesikhathi abasolwa becasha ngaye,” kusho uLieutenant Colonel Avele Fumba okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape.
Ngemuva kwesikhathi eside kuqulwa leli cala, iNkantolo eNkulu yaseMakhanda ithole laba benamacala, bagwetshwa kanje;
ULwando Ntiyantiya uthole iminyaka engu-15 ngokugebenga ngenhloso yokulimaza, udilikajele ngelokubulala, emihlanu iminyaka ngelokuzama ukubulala neyishumi ngokutholakala nesibhamu esingekho ethethweni. UNkosekhaya Lloyd, naye ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala, iminyaka engu-15 ngokugebenga ngenhloso yokulimaza, emihlanu yokuzama ukubulala nemithathu yokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.