AHLULEKE nokuzibamba ejabulela isinqumo amalungu omndeni kanjiniyela owabulawa ngo-2020, ngesikhathi iNkantolo eNkulu eThekwini ilahla unkosikazi wakhe nosibali ngawo wonke amacala abathweswe wona.
Isinqumo senkantolo esiphume izolo siphoqe kuthi uNompumelelo Goncalves owayewunesi, ashone ekhulukuthu njengoba ubengaphandle ngebheyili kusuka ngo-2020 ngecala lokubulala umyeni wakhe uMnuz Nkosi Langa owayengunjiniyela kwa-Transnet. Wamthengela izinkabi.
Ubelokhu egqigqa inkantolo nomfowabo uNkosinathi Zungu yena obetokile, kanti inkabi esiphenduke uFakazi woMbuso uJames Mashudu Mthimkhulu, uvele udonsa isigwebo seminyaka ewu-20 emva kokuvuma icala.
Efunda uhlu lwamacala abalahile, obambe njengeJaji, uSolwazi Bonke Dumisa, abebethamele icala iningi labo obekuyizihlobo nabazwelana nomndeni wakwaLanga, bebekhuzwa sebeshaya ihlombe bejabulela abakubize ngokwenzeka kobulungiswa.
Bobabili abalahlwe amacala okukhona kuwo elokuthumba, ukubamba inkunzi, nelokubulala, bebewaphika. UNompumelelo uphinde watholwa enecala lokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa nelokuvula icala elingamanga emaphoyiseni.
Udadewabo kamufi uNksz Zodwa Langa uthe lesi sinqumo sibajabulise kakhulu, yize singeke simvuse umfowabo nonina okuthiwa yena waxinwa wukugulwa washona ezinsukwini ezimbalwa kudedelwe umakoti wakwakhe ngebheyili kuleli cala.
“Angiboni ukuthi inkosikazi yomfowethu siyoyixolela ekhaya ngalesi senzo. Ngeke sixole. Umuntu esesimxolele uMthimkhulu (inkabi eyavuma icala), ngoba yena wakhombisa ukuzisola wakhuluma lonke iqiniso esikholwa ukuthi yilona eliholele ekutheni laba batholwe benecala,” usho kanje.
Isidumbu sikaLanga owathunjwa kwakhe ngoSepthemba 2020, satholwa emva kwezinyanga ezimbili enyamalele, sesonakele silahlwe ehlathini oZwathini eNdwedwe. Ebufakazini bukaMthimkhulu, uyena noZungu abaklinya umufi ngentambo ye-ayina.
Ngaphambi kokuthi ijaji likhiphe isinqumo, lifunde ubufakazi bukangoti uMnuz Peter Andries Oosterhuizen ocwaninga ngokusebeza kwe-tracker emotweni, owaqinisekisa ukubonakala kwemoto kaNompumelelo ihambela eKenville eThekwini ukuyohlangana nomfowabo ngosuku olwandulela ukubulawa komyeni wakhe, nokuhamba kwemoto yomfowabo.
Ubufakazi bukangoti ngezindawo ezahanjwa yizimoto nezikhathi, ijaji lithe buyahambisana nobendlalelwe yinkantolo uMthimkhulu.
Kuphindwe kwabhekwa ubufakazi bukangoti wamaselula uMnuz Thabani Golele obaveza ukudonsa kwamafoni abamangalelwa ezindaweni ezehlukene, nakhona okuhambisana nobufakazi obethuliwe. Kwavezwa nokukhishwa kwemali kamufi, eyakhishwa oThongathi naseMsinga.
Ubufakazi bukaDkt Sureke Maharaj, okwathiwa wahlola uNompumelelo - inkantolo ekholwa ukuthi wazenza okhathazekile ngesikhathi umyeni wakhe engabuyi ekhaya - buveze ukuthi wayengenazo izimpawu zokukhathazeka futhi umfutho wakhe wegazi wawushaya ngendlela ejwayelekile ngaphandle kokuthi wayenamehlo abomvu.
Inkantolo ilihlehlisele uMeyi 23 nonyaka icala, lapho abameli babamangalelwa noMbuso beyohlanganisa khona amakhanda ukuvumelana ngokuthile ngosuku lokwenziwa kwezethulo zokubashwelezela nokwehliswa kwesigwebo.