UNINA wowayeyisishoshovu esasocongwa ngokudutshulwa ngo-1989 ngumngani waso, uthe akamzondi futhi akambambele gqubu owesilisa ogwetshwe iminyaka engu-10 yinkantolo ngaleli cala.
UNkk Phindile Nxumalo ongunina kaSiphelele Nxumalo owayeneminyaka engu-17 ngaleso sikhathi, uthe akamzondi uGugulethu Wesley “Matiri” Madonsela (52).
Izolo, iMantshi uBK Khumalo yeNkantolo yesiFunda saseThekwini, igwebe uMadonsela iminyaka engu-10 ebhadla ejele laseWestville.
“Mina-ke njengomama kaSiphelele angizondi muntu. UMatiri bengihleli naye ekhaya ngoMgqibelo, wafika nenyama sahlala kosiwa kwadliwa. Besikhuluma ngendaba yokuthi siyaya ecaleni kwaphela,’’ usho kanje.
Uqhube wathi uMatiri akazange amtshele ukuthi naye wayekhona kwenzeka isigameko. UNkk Nxumalo uthe kuthe uma esethola enkantolo ukuthi uMatiri naye wayekhona wavele wathuka.
“Kodwa namanje ngisamthatha njengengane yami ngiyamthanda futhi (uMatiri). Ngifuna abantu baselokishini bazi ukuthi akukho lapho engixabene khona nabantu baseChesterville. Konke kusanjengoba kunjalo noSiphelele angeke esavuka,’’ echaza.
Ukugcizelele nokuthi akusiwona umndeni wakhe owavula icala. Uthe nabo bethuka sebebizelwa enkantolo betshelwa ngokuthi uMatiri useboshiwe ngaleli cala.
UMatiri ngemuva kokugwetshwa, uyalele ummeli wakhe uMnuz Bongani Cele ukuthi akuphosele inselelo ukulahlwa kwakhe ngecala nesigwebo anikezwe sona.
Imantshi ikubekele uLwesibili ngesonto elizayo lokhu njengoba noCele esikaze ukuthi kungenzeka bathole nomunye ummeli (ongu-advocate) uma icala seliya enkantolo enkulu.
Okuqaphelekile enkantolo izolo, ukuthi yomibili le mindeni okungowakamufi nowakwaMadonsela iyezwana namalungu awo abehlezi ndawonye.
Bekuthi uma inkantolo seyithathe ikhefu babonakala bendawonye bebhunga ngokwenzeka enkantolo.
Nangesikhathi inkantolo seyimgwebile uMadonsela yomibili imindeni isondlile kuyena yamnikeza izinto azozisebenzisa ngaphakathi ejele.
Umalume kamufi, uMnuz Muntu Nxumalo, oyilungu lenhlangano yomakadebona be-ANC, uMkhonto weSizwe (MK), uthe umshana wakhe wabulawa ngesikhathi yena eboshiwe edonsa isigwebo seminyaka engu-22 eRobben Island ngamacala athinta ipolitiki.
Uveze ukuthi uSiphelele wabe eyilungu leMK wathi kunezinto eziningi ezimbi nezinhle zepolitiki ezazenzeka.
Uthe bebelokhu bezwa ngamahemuhemu ngokuthi kukhona ababulawa ngendlela engeyinhle okubalwa uyise kaSiphelele nomunye umalume wakhe.
“Abanye babulawa ngephutha njengoba kunamagqubu emalokishini. Leli cala thina njengomndeni silizwe selivuka manje enkantolo. Sasize sixoxe naye uMatiri ukuthi kwenzakalani naye eyibeka ngendlela yakhe le ndaba,’’ kuchaza uNxumalo.
USiphelele wabulawa ngokudutshulwa ngobusuku bangoFebhuwari 2, 1989. Umufi washiya emhlabeni abantwana ababili.