UMELAPHI wendabuko ozinze eMelmoth, uMnuz Khumbulani Elvis Ntombela (43) odume ngelikaMabalengwe nasolwa naye, uNksz Nonelwa Nondlazi (29) bagqunywe esitokisini emva kokuvela enkantolo eshushisa amacala amabhizinisi ePalm Ridge.
UNtombela noNondlazi babekwe amacala okukhwabanisa, ukweba nokushushumbisa imali. Lokhu kumayelana nemali ebalelwa kuR103 million eyebiwa e-Absa yafakwa emabhange ahlukene.
Liyingxenye yecala likaMnuz Xolela Masebeni owayeyiSpecialist Engineer kuleli bhange, owabulawa ngokudutshulwa ngoFebhruwari kulo nyaka.
Laba bavele enkantolo ngesonto eledlule. Kulindele ukuthi babuyele ngoLwesithathu lapho bazofaka khona isicelo sebheyili.
“UNtombela noNondlazi bagqunywe esitokisini. Bazovela ngoMeyi 18 enkantolo lapho bezofaka izicelo zebheyili,” kusho uCaptain Simphiwe Mhlongo.
Abafundi baphawule kanje ngokuboshwa kukaMabalengwe:
Mfundo Buthelezi: Inyanga enjani eboshwayo kanti usebenza kanjani umuthi wayo.
Eyamandiyema Masaseni: Yiyo lena eyayithi ifundise lena enye inyanga, azikhale. Ngiyakhumbula kuthiwa ugxavulwe ngamaphoyisa eya emsakazweni.
Ziphoziyanda Kafuze Ngcobo: Kona kancane kancane izigebengu zilokhu zivezwa obala nalezi ezithi zingabefundisi zilokhu zivezwa kancane.