Okhulumela le nkampani, uMnuz Menzi Mngomezulu uthe kuyabajabulisa ukuthi iziphehli zikagesi namanje zisakhombisa ukuba sesimweni esigculisayo. Lokhu kusho ukuthi ukucishwa sakonga ugesi kuzoke kume kancane kulezi zinsuku.
“Ukucishwa kukagesi kusazoke kuthi ukuma kuze kube wuLwesihlanu lwangesonto elizayo ngehora lesine ntambamba,” usho kanje.
Lokhu kusho nokuthi abazobe bezijabulisa ngale mpelasonto enkulu yokuwelela onyakeni ozayo, bangakhululeka ubusuku nemini. Neziphuzo zabo zizohlale zibanda emafrijini.
Sekuphele amasonto amabili ugesi ulokhu ukhona okuyinto ejabulise abantu bakuleli kwazise le yinto abangasayazi. Ugesi wagcina ukucishwa ngoDisemba 14.
UMngomezulu ngoLwesihlanu uthe amandla kanye neziphehli zikagesi bazibhekile, uma kwenzeka kuba khona ushintsho, bazokwazisa abantu bakuleli ngokushesha ukuze bakwazi ukuhlela ngendlela efanele.