ZIKHALELWE ngamasongo kaSigonyela izelamani zakubo kamsakazi woKhozi, uZimiphi "Zimdollar" Biyela zisembuthanweni okuthiwa bekungowokujabulela ukufa komunye usomatekisi waseMpangeni.
Kuvela ukuthi izelamani, uMnuz Vika Biyela okuthiwa wesatshiswa okwenyoka embonini yamatekisi, uboshwe kanye nomfowabo omncane uMnuz Bo Biyela.
Umthombo uthe baboshwe besembungazweni omkhulu obusendaweni yabadla izambane likapondo, eMthunzini "wokusocongwa kukasomatekisi" odumile kule ndawo Isolezwe elisitholile isibongo sakhe nokuhlaluke ukuthi ukubulawa kwakhe bekuyamene nokuthi ubehamba phambili okhethweni lukasihlalo omusha wale mboni eMpangeni.
OBiyela baboshelwe icala lokubulawa kukasomatekisi uMnuz Gagasi Sipho Mashiyane (49) isidumbu sakhe okuthiwa satholakala silahlwe ehlathini lasoBuka, iLuwamba, okuthiwa kwenzeka ngo-2022.
Kusolwa ukuthi abambulala bamkhipha emotweni yakhe eyitekisi ayesanda kuyithenga. Kuthiwa imoto yatholakala seyikhishwe injini eduze kwakubo kwabasolwa.
Owomndeni kamufi okhulume neSolezwe wacela ukuba kugodlwe igama lakhe, uthe kade azi vele ukuthi ngobani ababulala umfowabo.
"Ngazenzela olwami uphenyo ngathola ukuthi laba yibona ababulale umfowethu. Kodwa ngakhetha ukuzithulela njengoba labaya bantu bayingozi kabi,'' usho kanjena.
Uthe okumqeda amandla ukuthi uye azibuze aziphendule ukuthi yini le engaka eyadala ukuthi abasolwa njengoba benenqwaba yamatekisi kodwa baba nomhobholo basoconga umfowabo owayenamatekisi amabili nje kuphela?
Eqhuba, owomndeni uthe ngendlela okwenzeka ngayo izinto kukhomba ukuthi kunongqondongqondo bokubulawa kosomatekisi abaningi kodwa abukho ubulungiswa obenzekayo ngoba kuyivela kancane ukuthi kube khona ababoshwayo.
Uzwakale umoya wakhe ushona phansi uma echaza ngakubize ngokubhuqwa komndeni wakhe uBiyela (Vika) athe wafika eshesha kubo ezobaduduza ngemuva kokuba kuzwakale izindaba zokuthi akasekho emhlabeni umfowabo.
"Ngamanye amagama wayengasiduduzi kodwa wayesihleka futhi esibhuqa ngokusehlele siwumndeni kamufi. Kusho ukuthi kuyena kwakumnandi ebona kufezeke icebo lakhe. Kulungile-ke kodwa uyena owaziyo ukuthi kungani enza kanjena,'' usho kanjena sakubalisa.
Uthe abasolwa abalubhadanga emgcwabeni, wathi njengomndeni bafuna ukuthi ekugcineni babuthole ubulungiswa ngokubulawa kowegazi labo.
Uveze ukuthi ukuboshwa kwalaba kubuyise inhlansi yethemba emndenini ngokuthi kwenzeke ubulungiswa ebese bengasakholwa ukuthi buzogcina benzekile.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi kukhona amanye amacala abucayi okungenzeka kuboshwe abanye ngawo abasembonini yamatekisi eMpangeni namaphethelo.
Umthombo uthe bakhulekela ukuthi lingenzeki iphutha lokuthi bayithole ibheyili oBiyela ngoba kungachitheka izishebo uma bekhululwa.
Laba ababili umthombo uthe bavelile enkantolo yaseNgwelezane, izolo. Ngaphambilini, kwake kwashiswa amatekisi awu-14 kaVika.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNtambanana, avula icala lokubulala kulandela isigameko sokutholwa kwesidumbu sowesilisa odutshuliwe ngoJulayi 27, 2022, kule ndawo.
“Amaphoyisa asebophe abasolwa abayisithupha abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-44, abathathu babo bebevele eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni, namuhla (esho izolo) kanti laba abanye abathathu, bazovela ngoMsombuluko,” kusho uNetshiunda.