INDODA eyaboshwa ngephutha ngenxa yokuthinteka ekubulaweni kowayengukaputeni we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, ifuna ukunxeshezelwa ngoR17.7 million.
Usuku lwecala selunqunyelwe uMeyi. Ngokwamaphepha afakwe eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng, uMnuz Zamokuhle Mbatha, ufuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa noMqondisi kuzwelonke woPhiko lokuShushiswa koMphakathi bamnxephezele ngokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-Okthoba 2014 ngokumsola ngothinteka ekubulaweni kukaMeyiwa.
Abameli bakhe bafuna inzalo ikhuphuke njalo ngonyaka ngo-15.5% kwisamba ababesifunile, kusukela ngo-2015, sikaR10 million.
Imiqingo yasenkantolo iyakuveza ukuthi leli cala eliphakathi koMbuso noMbatha, kwakulindeleke ukuba lilalelwe ngoMeyi. UMbatha ufuna inhlawulo kuMbuso ngokubhecwa ngobende inyama engayidlile, ukugqunywa esitokisini izinsuku ezingu-13, ukuhlukunyezwa nokungcoliswa kwegama lakhe.
Ummeli kaMbatha, uMxolisi Ndwandwe, uthe le mali ilokhu izala kusukela ngosuku abafaka ngalo amaphepha enkantolo.
Okhulumela uPhiko lezokuShushisa kuzwelonke, uMnuz Luvuyo Mfaku, uthe ihhovisi elibhekene nalolu daba belingakabuyeli kuye ukuze asho ukuthi yimalini okufanele ikhokhelwe uMbatha kodwa wakuqinisekisa ukuthi icala lizoqala ukuqulwa ngoMeyi.
Okhulumela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, uNks Reneilwe Serero, akatholakalanga ukuba aphawule.
UMeyiwa wadutshulwa evakashele owayeyintombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus. WayenoKelly, udadewabo uZandile Khumalo, unina kaKelly, izingane ezimbili zikaKelly, uLongwe Twala (oyindodana kaChicco Twala) nomngani wakhe uTumelo Madlala. Ngaphandle kukaMbatha, akekho oseke waboshwa ngokubulawa kukaMeyiwa.