UDWEBE isithombe senhlangano eyehlelwa ukwesekwa nengase idinge ukubambisana namanye amaqembu ukuze iphathe izwe umbiko wesimo nge-ANC othulwe yiPhini likamengameli uMnuz David Mabuza ngoMgqibelo.
Lo mbiko obonwe Isolezwe uveza ukuthi abaholi bale nhlangano bahlale besemahlazweni.
Uveze nokuthi le nhlangano yehlelwa ukwesekwa ngamalungu futhi kungenzeka yehlele ngaphansi kuka-50% ezifundazweni ezifana neGauteng, KwaZulu-Natal, Free State nezinye.
UMabuza uveze nokuthi amaqembu amaningi afuna ukuqumba phansi le nhlangano ukuze iphume emandleni.
Umbiko uveza ukuthi okhethweni lwango-2019, le nhlangano yama ku-57.5% okhethweni kanti le nhlangano selokhu yaqala ukwehlelwa ukwesekwa kusuka ngo-2009 lapho yayimi ku-65.9%.
UMabuza uthe le nhlangano yehlelwa yisibalo samalungu angu-33 000 ezweni lonke eminyakeni emihlanu edlule.
“Le nhlangano isinohhafu wamalungu eyayinawo ngo-2012. Engqungqutheleni yaseMangaung yayinamalung abalelwa ku-1.2 million.”
Uthe manje amalungu abalelwa ku-661 489.
Ubalule ukumiswa kukanobhala jikelele uMnuz Ace Magashule nokushona kwephini likanobhala jikelele uNksz Jessie Duarte ukuthi kuphazamise ukusebenza kwaleli hhovisi.
Lo mbiko uthulwe nguMabuza ngenxa yokumiswa kukaMagashule ohamba amacala angesikhathi esenguNdunankulu waseFree State.
Evula ingqungquthela umengameli Cyril Ramaphosa wakhala ngokwehlukana kule nhlangano wathi kuphezulu.
Wathi alukho ubumbano wathi akuwona amalungu angabumbene kodwa abaholi okuyibona abangabumbene.
“Lapho ngihamba khona amalungu ayangitshela ukuthi asibumbene singabaholi ekubeni wona ebumbene. Yinto okumele ilungiswe le.”