NKOSIKHONA CELE
USHAYE ungqimphothwe owesilisa ongumsolwa wesibili ecaleni lokudlwengulwa nokubulawa komfundi waseDurban Girls Secondary, uNksz Wandile Aphiwe Ngcobo (17).
Umufi kuthiwa wadlwengulwa wabulawa esigamekweni esenzeka ngoMeyi kuwona lo nyaka.
Kusolakala ukuthi abasolwa ababili bangena kubo kukamufi eMlaza bafica umufi base beyamdlwengula ngaphambi kokuba bamsoconge.
Kuvela ukuthi akekho omdala owayekhona ngelanga lesigameko. Lesi sigameko kuvela ukuthi sawushiya uthuthumela umphakathi wakule ndawo.
Abasolwa kuleli cala nguMnuz Sfundo Bhengu ongakaze ayifune ibheyili bese kuba ngumsolwa wesibili uMnuz Bongani Jali okunguyena oke watshela inkantolo ngaphambili ukuthi ufuna ukwenza isicelo sebheyili.
Nokho izolo ngesikhathi sebevela eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ushaye ungqimphothwe uJali wathi usecabange kahle, akasayidingi ibheyili.
Lokhu ukuvezele inkantolo ngomlomo wommeli wakhe elingatholakalanga igama lakhe.
Inkantolo ithe kuyilungelo lakhe umsolwa ukuguqula umqondo uma ibheyili engasayifuni.
"Kuyilungelo lomsolwa ukufuna ukwenza isicelo sebheyili. Kuyilungelo lakhe ngokunjalo uma esefuna ukuguqula umqondo engasayidingi ibheyili,'' kusho imantshi.
Enkantolo bekugcwele phama abantu abebephelezele uyise kamufi nomndeni kamufi. Kube nokuhhumuzela ngaphakathi enkantolo ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uJali akasayiceli ibheyili.
UMshushisi uMnuz Khulekani Mzotho utshele inkantolo ukuthi lukhona olunye uphenyo olusenziwa mayelana nalolu daba.
Icala lihlehlele uNovemba 25 njengoba kuthiwa kusaqhutshekwa nophenyo mayelana naleli cala.