UDOKOTELA ophinde amakilasi amathathu kabili ugqugquzela abafundi baka-matric abangaphumelelanga ukuthi bangazibulali kodwa bavuke bazithathe.
UDkt Sanele Gumede oluleka abantu abasha ngokukhetha kahle imikhakha yezemfundo abazoyithatha, obuye abe ngumsunguli womkhankaso okhuza abafundi abafeyile u-matric ukuthi bangazibulali kodwa bathole usizo nokwelulekwa abakudingayo ukuze baqhubeke nemfundo yabo, i#matric ungazibulali.
UGumede odabuka KwaMhlabuyalinga oneDoctor of Philosophy in Cultural and Media Studies, ayithole eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe usebenza nabantu abasha ebeluleka ngezemfundo.Uthe kuthe uma ebona sikhula isibalo sabafundi okuye kubikwe ukuthi bazibulele ngenxa yokuthi bafeyile u-matric wase eqala lo mkhakhanso osuneminyaka emine.
"Ngisuswe ukuthi nami ngiyazi ukuthi ukuphinda ikilasi kunjani, uGrade 10, 11 no-12 ngawuphinda kabili ngoba imiphumela engayithola ngesikhathi ngifunda u-matric okokuqala yayingangigculisi. Kwangiphoqa ukuthi ngibuyele kwaGrade 10 ngiyoqala phansi ngoba abazali babengeke babe nemali yokungikhokhela enyuvesi, ngakho kwakudingeka ukuthi ngithole imiphumela eyayizokwenza ukuthi ngithole uxhaso lokufunda.
“Uma sengifikile enyuvesi nakhona ngihlale isikhathi eside, ngicabanga ukuthi ngifunde iminyaka engu-10 ngoba bengifuna ukuphuma senguwudokotela. Umyalezo wami kubafundi uthi uma kwenzekile wakhubeka wawa vuka uzithathe, uqale phansi uzophumelela," kusho uGumede.
Uthe lo mkhakhanso uwenza ezinkundleni zezokuxhumana kakhulu lapho abantu abasha bejwayele ukuxhumana naye khona.
"Kuba nezigcawu lapho ngikhuluma ngokuvuka uzithathe, ukuthi uya kuphi uma uzizwa unengcindezi udinga usizo nokuthi wenzenjani ukuze ungazitholi ubhalisa ezikhungweni ezingombombayi okuyinto eyenzeka njalo ngalezi zikhathi. Ngibuye ngiluleke ngokuthi uma usukhetha izifundo khetha kahle ungakhethi nje ukuze kuthiwe uyafunda. Khetha umkhakha onamathuba amaningi," kusho uGumede.
Uthe kulo nyaka oqalayo uzohambela izikole ezinabafundi abaningi abangaphumelelanga u-matric ayokhuluma no-matric walo nyaka, ngenhloso yokukhuthaza nokweluleka abafundi.