UYOYIXOXELA amagwababa echobana owesifazane waseGamalakhe, KwaDingimbiza, ePort Shepstone, odlwengulwe amadoda amane ubusuku bonke ehlathini.
La madoda aqale abulala isoka lakhe.
Umgilwa ufike nesoka lakhe uMnuz Mandlakayise Sibiya (48) ngoLwesithathu ntambama kanti ebusuku kuzotheleka amadoda amane abehlome ngezibhamu.
Ngokusho kukadadewabo kaSibiya, uNksz Busisiwe Sibiya (35), umfowabo uthe esalele nentombi yakhe ngezithuba zabo-12.30 ebusuku, wezwa kukhala i-alamu yemoto yakhe kwacaca ukuthi kunabantu abayigqekezayo.
“Intombi yakhe ithe ubhuti waphumela ngaphandle eyoqalaza ukuthi kwenzekani emotweni kanti uzofica amadoda amane wahilizisana nawo maqede amdubula esiswini, ngakwesokunxele. Uphaphatheke, waze wayowela egcekeni lakwamakhelwane lapho etholwe khona eseshonile,” kusho uNksz Sibiya.
Eqhuba uthe intombi yomfowabo imtshele ukuthi la madoda adlulele endlini ebilele kuyo nomufi.
“Ithe la madoda afike amfuna okhiye bemoto kwathi enye yamdlwengula. Athe azama ukudumisa imoto kwatholakala ukuthi ayinawo uphethroli. Abuyele entombini kabhuti endlini, ayiqhuba inqunu injalo, ayiyisa ehlathini elingasesitolo iHollywood, lapho afike khona ayidlwengula eshintshana ngayo kwaze kwasa emnyango. Kuthe sekuqala ukukhanya ayishiya kanjalo inqunu, yaze yatholwa ngomunye umakhelwane oyinikeze izingubo zokugqoka.”
UNksz Sibiya uthe iyodwa indoda esebenzise ikhondomu ngoba kukhona eficwe amaphoyisa isisebenzile endaweni yesigameko.
Echaza uNksz Sibiya uthe wayeqala futhi wagcina ngelanga lesigameko ukubona intombi kabhuti wakhe. “Asikwazi ukuxhumana nayo ngoba yathi la madoda abuye ayiphuca ifoni. Nasemngcwabeni kabhuti ayifikanga.”
UNksz Sibiya uthe usola ukuthi umfowabo ubulawelwe imoto, iToyota Tazz, ngoba ubengakaze wezwa kuthiwa unezitha.
“Ubengasahlali ekhaya kodwa ubuye ngoba ubesanda kwesula emsebenzini. Ubeselungiselela ukwakha kabusha umuzi wakithi ngezimali abezozithola lapho abesebenza khona kwaMondi eThekwini kanti usezobulawa. Yonke le minyaka ubesehlala eVerulam,” kuphetha uNksz Sibiya oficwe yileli phephandaba esitolo atohoza kuso.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi lesi sigameko kusaphuzwa ngaso amatiye ngoba amanye amalungu omphakathi abesababaza lesi sihluku. “Iyaqala ukwenzeka into enje kule ndawo. Waze wabulawa kabuhlungu umfana obelunge kabi. Ushonele la njengoba ubona kumbiwe, bekususwa igazi lakhe,” kusho esinye isalukazi sakwamakhelwane.
Isolezwe ngoMgqibelo lifike kwaSibiya ngoLwesine kungasekho muntu kodwa kunezindlu ezivulwe gengelezi, nethuna likaSibiya beliselisha.
Amaphoyisa aseHibberdene asiqinisekisile lesi sigameko kodwa athi akukaboshwa muntu. Abe esenxusa nanoma ngubani ongaba nomkhondo wabenzi bokubi ukuba awathinte ku-(039) 699 9801.