KUHLWE emini kowesilisa obebhekene necala lokusoconga umshayeli kaBolt ngo-2021 ngesikhathi iNkantolo eNkulu yaseThekwini imgixabeza ngesigwebo sikadilakajele.
Kuvela ukuthi uLuyanda Makhanya (17) wabulala uSiboniso Shangase (23) ngoFebhuwari 2021.
Kuthiwa wamyenga ngokuthi enze isicelo sokuzolandwa emgwaqeni uMointy Naicker eThekwini ukuze ezomyisa eQueensburgh.
Esefikile umufi, kuthiwa uMakhanya nomngani wakhe, u-Ayanda, bamjikela endleleni bambulala maqede bathatha isidumbu bayosilahla ehlathini eMlaza.
Kuthiwa bambopha izandla nezinyawo base beyamklinya.
Ngemuva kwalokho kuthiwa imoto kamufi yohlobo lweToyota Etios babeyishayela njalo uma bebuya esikoleni.
Bakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela njengoba amaphoyisa ababhadama beshayela imoto kamufi ngemuva kwalokho base bewakhombisa lapho belahle khona isidumbu.
Isidumbu satholwa ngamaphoyisa sesibolile, sinephunga futhi sihanjwa yizimpethu. Ngaphambilini ethula ubufakazi, uConstable Patrick Xaba watshela inkantolo ukuthi ubuso bukamufi babugcwele izimpethu.
IJaji uWilliam Nicholson limthole enecala uMakhanya, kwathi umngani wakhe lamkhipha phambili njengoba bungekho ubufakazi bokuthi kukhona akwenza ngesikhathi kubulawa umufi.
UMakhanya limgojele ngokuthi kwasetshenziswa iselula yakhe ukuthumela isicelo sokulandwa.
Izolo ijaji limgixabeze ngodilikajele uMakhanya ngecala lokusoconga umufi, lathi wayengungqondongqondo etulweni lokubulala umufi.
Liphinde lamgweba iminyaka emihlanu ngkuthumba nengu-15 ngelokubamba inkunzi.
"Ngenhloso yokwehlisa isibalo samacala alolu hlobo, kumqoka ukuthi sikugwebe ukuze nabanye bezobona ukuthi bayagwetshwa abenza njengawe,'' usho kanje.
UMnuz Bonga Zondi, ongumalume kamufi, ukushayele ihlombe ukugwetshwa kukaMakhanya.
Uthe kubathoba izinhliziyo yize umshana wakhe engeke esabuya.
Uthe bekungaba ngcono ukuba bobabili abathintekayo bagcine begwetshiwe.
"Akusenani ngoba ukhona oyedwa ogwetshiwe ngokubulawa kukamshana wami,'' usho kanjena.
UMshushisi, u-Advocate Thabani Buthelezi, ubenxuse inkantolo ukuba imgwebe ummangalelwa ngoba ukhombise unya ebulala umufi.