UZIMISELE ngokulekelela amanye amabandla adlondlobale uMphostoli Collins Dhlomo, ongumholi nomsunguli weCovenant Fellowship Church International (CFCI).
UMphostoli uDhlomo udalule lokhu ngesikhathi ebungaza ukuqeda iminyaka ewu-60 edla anhlamvana emcimbini obuseCoastland Hotel. Umcimbi ubuhanjelwe ngabaholi bezenkolo abehlukene eNingizimu Afrika.
UMphostoli uDhlomo uganwe nguMphrofethikazi Nomusa Dhlomo. Uthe uyambonga uNkulunkulu ngokumgcina adle anhlamvana kuze kube uficwa yilesi sikhathi.
“Lokhu kusho lukhulu kimina. Ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kukhona okuhle okanye isizathu angigcinele sona. Njengamanje sengifuna ukugxila ekulekeleleni amanye amabandla ukuba akhule,’’ usho kanje uDhlomo.
Ibandla likamphostoli libalwa namanye abonakala ekhula kakhulu. Uthe isizathu ukuthi ubuholi obuphezulu bebandla bunombono ojulile ogcina likhula minyaka yonke.
UDhlomo uqhube wathi ukuncela kogwansile nakwamanye amadoda angaphambili kwakhe kulilekelelile ibandla lakhula kangaka. Uveze ukuthi ibandla walisungula ngo-1992 kodwa laba semthethweni ngo-1994.
Ubalule ukubaluleka kobudlelwano obuhle nabanye abefundisi, ukusetshenziswa kahle kwemali yebandla, nokuthembeka komholi webandla. Zontathu izinto uthe zimqoka futhi ziwumgogodla omkhulu wokukhula kwebandla likaNkulunkulu.
Ukhulume nangokubaluleka kokuba amabandla afundiswe ngezindlela angazisebenzisa ukuze akwazi ukuthi akhe izakhiwo zokukhonzela ngempumelelo ngaphandle kwezingqinamba ezithile.
Wengeze ngokuthi uzimisele ngokuthi acobelele amabandla ngokuningi akholwa ukuthi kubasebenzelile njengebandla.