UKUGEMBULA, ukwehlukana kwenkolo kungezinye zezinto ezidala udlame olugcina luholele ekutheni kuliwe ezikoleni.
UDkt Zithobile Mkhize-Ngidi oyiphini likathishanhloko eVikingozi High, ngaphandle kwaKwaMakhutha, osanda kuthola iziqu zePhD kwiPublic Administration, egxile kwiPeace Studies, eDurban University of Technology (DUT), izolo ubenesigcawu sokucobelelana ngolwazi sokuhlomisa ezinye izitshudeni ebenza iziqu zePhD.
Ubegxile ekufundiseni ngokuthi ulwenza kanjani ucwaningo olungagcini ngokubhala iphepha kodwa lufundise umphakathi noma isikhungo, izindlela zokuvikela lokho obekucwaningwa ngakho.
Uthe yena wenze ucwaningo lwakhe ezikoleni ezimbili zaseMlaza.
Kulesi sikole uthe waqala isigungu esihlanganisa abazali, othisha nabafundi esibizwa ngokuthi iWe Care, lesi sigungu yiso esibheka abafundi okusuke kubonakala ukuthi banodlame.
Inhloso yalesi sigungu uthe ukunqanda ukuthi kube nodlame kulesi sikole ngoba izinhlelo ezikhona njengamanje ezikoleni ezokungenelela ngemuva kokuthi kube nodlame.
UDKT Zithobile Mkhize-Ngidi osanda kuthola iPhD yePublic Admninistration, egxile kwiPeace Studies, eDUT Isithombe: DOCTOR NGCOBO
“Ocwaningweni lwami ngizwe izinto nami njengothisha ebengingazazi ezifana nokuthi ezikoleni kuyagembulwa ngokudlala amaphepha ne-spin.
“Lezi zinto abafundi bathi zidala ingxabano kwabazidlalayo bengasafuni ukwamukela ukuthi uma behluliwe kumele banikeze abanye isiteki semali ebekuvunyelwene ngaso.”
Okunye athe ubeqala ukuzwa ngakho ukuthi abafundi bakhonza emabandleni ehlukene kukhona abazibukela phansi izinkolo zabanye. “Laba bafundi kuthiwa bahlale becuphene, uma kuke kwaba nento encane ebaphambanisayo kuyaliwa ngoba vele bayazondana ngenxa yenkolo.”
Isigungu asisungula kulesi sikole uthe sisalwenza lolu hlelo kanti ngokubona kwakhe zehlile izigameko zokulwa kwabafundi ngenxa yalo.
USolwazi uGeeff Harris oyinhloko yohlelo olufundisa ngoxolo kuyo le nyuvesi, iPeace Building Programme uthe kumele kube nendlela yokuthi uDkt Mkhize-Ngidi aludlulisele ulwazi alutholile eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal.