AKATHI vu ngobudlelwane bakhe noPastor Alph Lukau umlingisi womdlalo Uzalo, uGugu Gumede (MaMlambo), okusabalale izithombe zabo bobabili bebambene, kuhle kwezithandani ezindala ezinkundleni zokuxhumana.
ULukau ohola ibandla i-Alleluia Ministries International Church, ube ngundabamlonyeni kubantu bakuleli ngemuva kokusabalala kwezithombe okuvele khona ukuthi uvuse owesilisa obeseshonile.
Iningi libe seliqala lithatha izithombe zalo mlingisi lizisabalalisa ezinkundleni libuza ukuthi yini ehlanganisa laba bobabili?
Isolezwe lizama ukuxhumana noGugu ngalolu daba akayiphendulanga imibuzo akade ethunyelelwe yona.
UMLINGISI woZalo uGugu Gumede (MaMlambo) okusabalale izithombe zakhe no-Alpha Lukau
USihlalo weKhomishini yokuVikela amaLungelo amaSiko iNkolo neziLimi, uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva ekhuluma ne-eNCA uthe yize sekwenzeke lokhu, akukho lutho oluzokwenziwa kulo mfundisi.
“Kuyiqiniso ukuthi abantu bayafuna ukubona izimangaliso, nokubona impilo yabo ishintsha, yilapho-ke uqala khona ufuna ukukholwa nanoma yini. Abantu benkolo sebenza noma yini manje ngoba bayazi ukuthi abalawulwa yilutho. Kuzokwenzekalani kulo mfundisi njengoba esenze lokhu, akukho okuzokwenzeka kuye, izandla zethu zivaliwe, akukho mithetho elawula ukusebenza kwabo, abameli, odokotela bayalawulwa, yonke imikhakha kuleli iyalawula. Ngeke sithi bayolawulwa ezulwini noma iBhayibheli. Iqiniso lithi iPhalamende kumele lishaye umthetho wokulawulwa kokusebenza kwamabandla,” kusho uNkk Mkhwanazi-Xaluva
Uthe ikhambi lilele kuhulumeni.
“Sekufike isikhathi lapho kucaca khona ukuthi ezenkolo zisenkingeni kuleli, kudingeka kube khona izimpendulo ngokushesha ngalokhu okwenzekayo. Ngiyathemba ukuthi ephalamende lolu daba luzohamba phambili ezintweni abazokhuluma ngazo,” kusho uNkk Mkhwanazi-Xaluva.
KUBE nemvunge ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi umfundisi uvuse umuntu ekufeni. Isithombe: FACEBOOK
Kule video kubonakala abazalwane bekujabulela obekwenziwa umfundisi futhi bekukholelwa.
U-Apostle Collins Dhlomo webandla iCovenant Fellowship Church International uthe, baphoxeke kakhulu bengamaKrestu futhi indaba efana nalena umthetho kumele uthathe indawo yawo.
“Sidumele ngalesi senzo kakhulu njengoba iBhayibheli liyichaza kahle futhi ngendlela eqondile indaba yokuvuka komuntu. Abantu kumele babheke ukuthi umfundisi abamlandelayo owakuphi futhi uzalwa kuphi, impela lokhu okwenzekayo enkolweni yobuKrestu kuyathusa,” kusho uDhlomo.
Uthe kumele leli bandla liveze konke obala ukuthi lona wesilisa ubeshonile ngempela ukuze indaba yakhe ibambeke.
“Laba befundisi bafuna udumo ngento engalungile. Siyaziqhelelanisa nalesi senzo esibi kangaka,” kuchaza yena.
Okhulumela iSouth African Council of Churches KwaZulu-Natal uMnuz Mthokozisi Fennel uthe, abahambisani nalokhu okwenziwe yilo mfundisi futhi bafuna ukuthi lolu daba lwakhe lusukunyelwe.
“IBhayibheli liyasichazela ukuthi uvuko lwabafile lukhona kodwa uNkulunkulu kuphela oyolwenza. Akekho la emhlabeni umfundisi onamandla okwenza lokho ngakho sinxusa uMama uXaluva ukuthi enze umsebenzi wakhe ngalo mfundisi olutha abantu ofuna udumo ngento engekho,” kuchaza uFennel.
Uthe lo mfundisi udelele inkolo yamaKrestu nokuyinto okumele ingabukelwa phansi.
Emsakazweni Ukhozi FM, uBusi Gaca okhulumela leli bandla uthe, lona wesilisa ubehanjiswa kubo eZimbabwe umndeni wakhe wase ukhetha ukumdlulisa ebandleni labo.
“Ngesikhathi umfundisi wethu ezwa ukuthi kunento enjena ngaphandle futhi lo muntu kuthiwa uyanyakaza ube esephuma wayobheka nangempela washo wathi usaphefumula. Asishongo ukuthi ufike eshonile kithi kodwa uqhubeke ezimangeni uNkulukulu akade eseziqalile vele,” kuchaza yena.
Uthe lona wesilisa ubejulukile nabacabanga ukuthi ubesencibilika ama-ayisi akade esemzimbeni wakhe.
Uhluleke wancama uSbu noMroza bembuza ukuthi iselula bekungekabani ebikulona wesilisa futhi kungani ebengahlinziwe njengoba kwenziwa kubantu asebedlulile emhlabeni.
Izolo kuvele izindaba zokuthi leli bandla selivulelwe amacala okudicilela phansi isithunzi sezinkampani zabangcwabi.
Izinkampani ezintathu zabangcwabi ezimangalele leli bandla yiKing & Queens, Black Phoenix neKingdom Blue. Lezi zinkampani zivule amacala okudicilelwa kwesithunzi kulandela ukusabalala ‘kwesimangaliso’ esenziwe uLukau.
Zithe lolu daba zilubikile nasesiteshini samaphoyisa, eJeppe ukuze kuphenywe kabanzi ngalo.
IKings & Queens ibhale ekhasini layo kuFacebook yathi: “Njengenkampani yezemingcwabo, asizamukeli izidumbu ngaphandle kwamaphepha asemthethweni.
Asizidedeli izidumbu ngaphandle kwamaphepha agunyaza lokho. Sisezinhlelweni zokuthatha izinyathelo zezomthetho ngokuthunazwa kwesithunzi sethu.”
Ngokwabangcwabi isidumbu esizohanjiswa ezweni langaphandle sifakwa amakhemikhali ukuze singasheshi sibole, kukhishwe igazi kuso njengendlela yokunciphisa ukusabalala kwamagciwane kuso.