UYAZIHLANGULA uthishanhloko ngemva kwezinsolo eziqondiswe kuye ezimayelana nemali okuthiwa uyikhokhisa abafundi kungafanele.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi abanye abazali abanezingane ezihlala ehostela labafundi esikoleni, bezwakalise ukungenami ngemali abayikhokhayo.
UMnuz Mthoko Dlamini, uthishanhloko waseThembimfundo Special School, eShowe, uthe akulona iqiniso ukuthi wenyuse imali wabuye wacacisa nokuthi yena siqu sakhe akazithatheli izinqumo esikoleni.
“Izinqumo zithathwa yisigungu esilawula isikole. Okwami ukuthi ngibe wumlomo waso. Ngisuke ngicelwe yiso ukuthi ngenze isimemezelo futhi zonke izinqumo ezenziwayo, abazali basuke bazisiwe ngazo,” kuchaza uDlamini.
Echaza ngemali ekhokhwa ngabazali, uDlamini uthe isamile kuR12 000 ngonyaka, wathi okushintshile indlela osukhokhwa ngayo.
Uveze ukuthi phambilini, abazali bebekhokha uR1000 inyanga ngenyanga kodwa kwabonakala ukuthi ababalelwa ku-30% kuya ku-40%, bayadoja ukukhokha.
“Umzali ugcina ekhokha mhlawumbe uR1500, abeke izinkinga zasekhaya, angabe esayikhokha enye,” kusho uDlamini.
Wengeza ngokuthi abazali ebebenza lomkhuba bebeqoka izikhathi ezithile ukulanda izingane zabo ehostela, ukugwema imibuzo yokuthi abaqedile ukukhokha. Wathi kuye kuthi noma sebebashayela izingcingo abazali, bangabatholi.
Uthe indaba yokuphushwa phambili uR2000, yaba wumbono owaphakamiswa ngoMashi nyakenye, emhlanganweni wabazali.
“Sabekwa isizathu sokuthi uma kwenziwa kanje, umzali usuke esengalikhokha nanoma yinini iR1000 elisele, kulezi zinyanga ezimbili ezisuke zisasele ithemu ngayinye,” kuchaza uDlamini.
Uveze ukuthi ngaleso sikhathi abazali bakhombisa ukungenami ngoshintsho babeka nokuthi abanikiwe isikhathi esanele uma kuthiwa aluqalwe ngethemu elandelayo (Juni 2023).
Udalule nokuthi bakwamukel ukuzikhalela kwabazali ngaleso sikhathi, bakumisa isikhashana ukuqalwa kohlelo.
“Sigcine siluvusa lolu daba emhlanganweni esibe nawo ngoSepthemba 28 (2023), lapho esiveze khona kubazali ukuthi uhlelo esasiluhlongoze ngoMashi (2023), luzoqala ngo-2024. Abazali bacaciselwa ukuthi ayikho ingane ezovunyelwa ukungena ehostela ingayikhokhile imali.
“Sasisho ihostela, hhayi esikoleni ngoba kakade imali ayihlangene neyesikole, iqondene nokuhlaliswa kwabafundi ehostela, okusingathwa yisikole, hhayi ngumnyango,” kuchaza uDlamini.
Udalule ukuthi ngo-Okthoba nyakenye uphinde wababhalela abazali, ebakhumbuza ngesivumelwano sangoSepthemba, enzela nalabo ababengekho emhlanganweni.
“Kwakufanele bakhalaze nyakenye kodwa akekho noyedwa owakwenza lokho, njengoba sebezokhalaza manje,” kuchaza uDlamini.
Ugcizelele ukuthi umsindo uphehlwa ngabazali abambalwa futhi usudale uqhekeko phakathi kwabazali. Waphetha ngokuthi abazali abangenayo inkinga yokukhokha, kabeneme ngokuthi basongwe ngabhande linye, kuthiwe abahambisani nohlelo olusha.