UPHIKA imiphumela yolibofuzo owesilisa osolwa ngokudlwengula intombazane (9) kungakapheli sikhathi esingakanani ekhishwe ejele ngoshwele.
U-Edgar Ndlovu (45) uphike izinsolo zokudlwengula ngenkathi efakaza enkantolo enkulu yaseNorthern Cape ngoLwesibili. UNdlovu usolwa ngokudlwengula intombazane encane ehlathini elingemuva kwesiteshi samaphoyisa eGaleshewe ngoJanuari 17 kulonyaka.
Kusolwa ukuthi uNdlovu wabona intombazane isehlathini eSanta Square, wabe esyicela ukuba imphelezele esitolo. Kuthiwa umsolwa wahehela lentombazane eShoprite, wabe eseyitshela ukuba imphelezele ekhaya lowesifazane ozomsiza ngokukhipha imali kwi-ATM. UNdlovu usolwa ngokufaka intombazane ehlathini elingemuva kwesiteshi samaphoyisa, wabe eseyikhumula izimpahla, wayidlwengula.
Kuthiwa umsolwa wasabisa intombazane ngommese ngenkathi kwenzeka lesi sigameko. Intombazane yalimala kakhulu ngankathi idlwengulwa, okwadinga ukuthi ihlinzwe ukuze kuzolungiswa umonakalo owenzeka emzimbeni.
UNdlovu uboshwe ngo-Ephreli 25 nonyaka. Ngesikhathi eboshwa, ubengaphandle ngoshwele njengoba ebenecala lokudlwengula elenzeka ePostmasburg. UNdlovu wayeboshwe iminyaka elishumi ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula ePostmasburg.
Umsolwa ukuphikile ukudlwengula intombazane njengoba ushwele wakhe ubunemiyalelo eqinile.
“Bengiphila ngoshwele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko futhi kwakumele ngifike endlini ngo-10 ebusuku. Isango lasendlini belivaliwe ngaleso sikhathi. Benginombandela wokwazisa unina nephoyisa mayelana nezindawo engizihambayo,” kuchaza uNdlovu obephika ukudlwengula njengoba kuthiwa lesi sigameko senzeka ngabo-8 ebusuku.
Ummeli wombuso u-Advocate Keageleste Ilanga uthe umsolwa wayesemgwaqeni ngaphambi kwesikhathi sombandela kashwele, u-10 ebusuku. U-Ilanga uthe ulibofuzo likamsolwa elathathwa ecaleni lokudlwengula langaphambilini, lufane ncamashi nangesikhathi kuhlolwa ulibofuzo lwakhe kuleli cala.
“Ulibofuzo lakho ecaleni lasePostmasburg luyafana nolibozo olwenziwe kuleli cala lokudlwengula. Ubungaphandle ngoshwele kulelo cala futhi ulibofuzo lakho luvelile kuleli cala kodwa usaphika ukuthi unecala, kusho u-Ilanga.
UNdlovu uthe ukufana kwemiphumela yolibofuzo kulamacala omabili kuyiphutha.
“Kungenzeka ukuthi kukhona iphutha elenziwe ongoti bolibofuzo ngesikhathi benza ucwaningo ngoba mina angazi ukuthi ulibofuzo lwami lungene kanjani kulentombazane. Anginalo ulwazi mayelana naleli cala engithweswa lona,” kuchaza uNdlovu.
Icala lihlehliselwe izinkulumo zokuvalwa kwecala.