OWESIFAZANE ongenamilenze waseNordale eMtubatuba uzikhalela kunoma wubani ongaba nosizo lokumthengela imilenze yokufakelwa.
UNksz Linda Lembede (28) ozama ukukhulisa ibhizinisi lokupheka, utshele Isolezwe ukuthi kunzima ukuqhubeka nokwenza lo msebenzi ngaphandle kwemilenze yokufakelwa emlekelela ukuthi akwazi ukwehla enyuka.
Uthe ubenayo imilenze yokufakelwa ayithola esibhedlela esizimele ngo-2017 nango-2019 ngesikhathi enqunywa imilenze yomibili ngenxa yesifo sikashukela.
“Inkinga ukuthi isimdala kakhulu le milenze yokufakelwa engangiyithengelwe umndeni wami. Lokho kudale ukuthi omunye wayo uphuke, kusale owodwa, nawo angisawuthembisisi kahle hle ukuthi uzoqhubeka ungilonde isikhathi esingakanani,” kusho uNksz Lembede.
Uthe uyidinga kakhulu lemilenze yokufakelwa ngoba yiyo emise impilo yakhe njengoba ezama ukufukula ibhizinisi lakhe lokupheka, athi ulithanda ngempilo yakhe yonke.
Uthe ibhizinisi lakhe lokupheka uliqale ngonyaka odlule emva kokwamukela ukuthi impilo yakhe isishintshe unomphela kodwa lokho akusho ukuthi isiphelile.
Uthe waqala wayokwenza izifundo zokupheka, wabhalisa nenkampani yakhe i-Bilateral Queen.
“Angifunanga ukuthi ngivumele isimo ebese ngiyiso ukuthi sichaze impilo yami. Yikho ngasukuma, ngazithatha, ngathi ngizoliqala leli bhizinisi lokupheka khona ngingenamilenze nginjalo,” kusho uNksz Lembede.
Uthe uyakuthola ukwesekwa okukhulu emndeni wakhe kangangoba uma ezoyopheka endaweni ethile, yibo abamsiza ngokuthi bayomthengela izinto asuke ezozidinga uma esepheka, baphinde bamqukulele izinto ezisindayo uma esenza umsebenzi wakhe wokupheka.
Uthe okwamanje usathola imicimbi emncane ayiphekelayo khona endaweni yaseMtuba kodwa uyafisa ukuthi ngelinye ilanga ibhizinisi lakhe likhule.
Imilenze yanqunywa ngokwehlukana ngo-2017 nango-2019. Uthe waqalwa wukugula emlenzeni owodwa, kwagcina kuphoqa ukuthi unqanyulwe. Uthi uthe esethi uyajwayela ukuphila nomlenze owodwa, ukugula kwahlasela lo osele umlenze, nawo wagcina unqanyuliwe.