UKHALA ngosizo lokufakelwa ipayipi elihambisa amanzi amile umndeni wakwaMngomezulu eGeorgedale, ngaseHammarsdale, osekuphele inyanga izindlu zawo zicwile emanzini.
Ngokusho kwelungu lomndeni, uNksz Zinhle Mngomezulu, indawo abakhe kuyo iphansi, kanti bekuthi uma kunemvula, basizwe yipayipi ukudonsa wonke amanzi emvula, liwaphonse emhosheni oseduze.
Elandisa Isolezwe,uthe kusukela ngo-2007, izigilamkhuba zeba ingxenye yengqalasizinda elekelela ipayipi ukuthi limome amanzi liyowathululela emhosheni.
“Sasilokhu silubika udaba emakhanseleni endawo, ethembisa ukuthi azolulungisa kodwa kungenzeki. Asikaze sicabange ukuthi ngelinye ilanga ukonakala kwaleli payipi kuyosiphendula ondingasithebeni, kwazise beyingakaze ibe khona imvula enkulu njengale esanda kwehlela iKwaZulu-Natal,” kukhala uNksz Mngomezulu.
Eqhuba uthe babone ngezikhukhula zangenyanga edlule ukuthi mukhulu umonakalo ngesikhathi bebuya emsebenzini, bezithela phezu kwezindlu zakubo zivele ngophahla emanzini.
“Sasala ngalokho esasikugqokile, ifenisha, izingubo zokugqoka, izimpahla ezisebenza ngogesi, ngisho nomazisi imbala, konke kwavaleleka lapho ezindlini ezase zigqitshwe ngamanzi,” kuchaza yena.
Uthe baphinde balibikela ikhansela lendawo elafika lathatha izithombe, labatshela ukuthi wona umonakalo uzogcina ulungisiwe. Libe selicela ukuthi bakubeke emqondweni ukuthi ngaleso sikhathi, umasipala ubeka phambili imindeni elahlekelwe yizihlobo ngenxa yezikhukhula.
“Silindile kwaze kwaba ukuthi abantu abazolungisa bathunyelwa ngoLwesithathu olwedlule.
“Bebesematasa bezama ukulungisa ngesikhathi kuphinde kuhlasela imvula yesibili, kwaphoqa ukuthi babame,” kuchaza uNksz Mngomezulu.
Uthe yilanga kuphela ebelilokhu liwashisa kancane kancane amanzi kwazise ibingekho enye indlela yokuthi anciphe.
Uveze ukuthi selokhu kwenzeka lo monakalo, balokhu bekhosele ezihlotsheni, ngethemba lokuthi kuzolungiswa masinyane ukuze bakwazi ukugoduka bayobheka isimo sezindlu. Uthe basazobheka nokuthi zisakulungele yini ukuthi baqhubeke bazisebenzise, kanjalo nezimpahla zabo ezavaleleka ngaphakathi.
Uthe bazodinga noma yiluphi usizo ukuqala kabusha impilo. Imizamo yokuthola ikhansela lendawo ayiphumelelanga.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe udaba lwalo mndeni bazolubeka eqhulwini.
“Muningi umonakalo odalwe yizikhukhula. Umasipala uzama ngakho konke okusemandleni ukubuyisela isimo kwesejwayelekile ezindaweni ezahlukene. Siyacela abantu basibekezelele kodwa udaba lwalo mndeni sizolubeks eqhulwini,” kusho uMayisela.