NKOSIKHONA CELE
OWESIFAZANE waseNanda othi uhlale edinda umyeni wakhe ngesibhaxu, ucela usizo kunoma wubani ukuze angalahlekelwa yisithandwa sakhe seminyaka.
UNksz Slindile Ngcobo, oseshade iminyaka emithathu futhi onengane enezinyanga eziwu-18 nomyeni wakhe, uthi uma beke baxabana kancane nje nomyeni, uvele amgibele ngequpha.
“Muva nje uke wangibuza ukuthi ngiphekile yini. Bengingaphekile. Wavele wangicika lowo mbuzo. Ngamgibela ngesibhakela. Angisayithandi le mpilo engiyiphilayo,” usho kanje.
Uthi umyeni wakhe akaphindiseli uma egadla kodwa kubi emshadweni wabo ngoba ezinyangeni ezimbalwa, umyeni uke wamduba wangafuna lutho oluhlangene naye. Uke waze waduba ngisho ucansi, ethi ngeke alale nomuntu ohlale emshaya.
Utshele Isolezwe ngoMgqibelo ukuthi sekuphele iminyaka emithathu egcwele ehlukumeza umyeni wakhe.
Uma echaza uthi empeleni nje ungowesifazane ogcwele intukuthelo njengoba wakhula enukubezwa ngokocansi wuyise owayengamzali.
“Ngangineminyaka engu-9 eqala ukuzitika ngami ngocansi. Wayethi uma ngilale naye noma kanjani ngizophasa esikoleni. Nami ngangicabanga ukuthi ngempela ikhona into enjalo kanti udlala ngami uyangihlukumeza,’’usho kanje.
Uthi ngelinye ilanga eseneminyaka engu-15 yobudala, kwafika indoda endala enomkhaba yathi mabahambe ayoyiphekela imtholele nabantwana ngoba isikhokhe imali eshisiwe kuyise.
“Ngavele ngaxakeka nje ukuthi le ndoda ikhuluma ngani kodwa ubaba wangitshela ukuthi mina sengiwumfazi womuntu. Ngenhlanhla amalungu omphakathi angenela. Ngasinda kanjalo. Hheyi! Angisoze ngazikhohlwa izinto ezazenziwa yilo muntu kimina,’’usho kanjena izinyembezi zizehlela.
UNksz Ngcobo uthi okwamehlela kuyisilonda esivukayo njalo uma ebona umuntu wesilisa eduze kwakhe, kumane kuvuke sona bese ecabanga ukuziphindisela.
“Umkhwenyana wami sekuphele isikhathi eside ngimhlukumeza ngenduku. Manje ngiyabona ukuthi inkinga enkulu engibhekene nayo wukuthi sisabhibha isilonda, sokuthi ngikhule ngihlukunyezwa ngumuntu obezibiza ngomzali wami,’’usho kanjena.
Udalule ukuthi ngesonto eledlule umlimaze kabuhlungu umyeni wakhe ngeketela engalweni.
“Awucabange-ke ukuba lelo ketelo ukube belinamnazi abilayo, ukuthi ngabe sikhuluma ukuthini kuyimanje. Ngempela nami angisathandi. Sengikhathele manje wukushaya umkhwenyana wami,’’usho kanjena.
Uveze ukuthi uyise wayebadlwengula bobabili nodadewabo, nodadewabo uyalibulala ngesibhaxu isoka lakhe.
Udalule ukuthi likhona icala elavulwa ngokuhlukunyezwa nguyise kodwa akazi ukuthi kwenzekani ngoba wagcina engazange aboshwe.
Umyeni wowesifazane, ongathandanga kubhalwe igama lakhe, uthe angajabula uma umkakhe engathola usizo oluphuthumayo. Uvumile ukuthi uyaphela yisibhaxu.
Uthe ngelinye ilanga kuke kwashuba, batholana phezulu, kungokokuqala ngqa naye ezama ukuziphindisela.
Ungoti wezinkinga ezithinta umphefumulo nengqondo, uDkt Manqoba Myeni, uveze ukuthi kuyinto ejwayelekile kwabesifazane ukuthi uma beke bahlukunyezwa noma bekhule behlukunyezwa, bagcine nabo sebengabahlukumezi.
‘’Bajwayele ukuhlukumeza bona labo abasuke besothandweni nabo.
Umuntu wesifazane okhule ehlukumezeka ngalolu hlobo naye ugcina esehlukumeza loyo asebudlelwaneni naye ngokothando.“
Uthe uNksz Ngcobo kumele athole usizo oluphuthumayo. Kumele abone umeluleki wezengqondo, ukuze athulule bonke ubuhlungu nabo ukuze akwazi ukuphilisana kahle nomyeni wakhe.