BAWINILE NGCOBO
U THI akasakhethile ukuthi usizwa ngubani owesifazane waseWestrich, eNewlands West, ohlala nezingane zakhe nabazukulu endlini encane eyikamelo elilodwa eyakhiwe ngamapulangwe nokhethe.
UNkk Thobile Mzobe (53) uthi ukube unawo amandla ngabe uyazakhela noma indlu enamakamelo amabili ahlale endaweni enganethi, abangesabi ukuthi izowela phezu kwabo.
UNkk Mzobe uthi wadiliza indlu yomxhaso wakhe ngo-2010 emuva kokuthi etshelwe ukuthi izodilizwa bese kuqala ukwakhiwa izindlu ezinamakamelo amane.
“Bafika bathi bazofika ngakusasa badilize baqale ukwakha, ngabona ukuthi angiqaqe ukuze ngithathe ukhethe ngibe ngiyokwenza umjondolo ebengizoquba kuwo ngaleso sikhathi bakha. Ngakusasa kwabe sekufika incwadi isithi ngeke kusakhiwa kuzoze kwakhiwe emuva kwemidlalo ka-2010,” kusho uNkk Mzobe.
Uthe namanje basahlalele ethembeni ngoba nyanga zonke bayathenjiswa ukuthi sekuyalunga.
Kule ndlu okwazi ukubona ngaphakathi ngenxa yesicabha esingavaleki nokhethe olungashayeliwe kahle emaceleni, uNkk Mzobe uhlala nabazukulu bakhe ababili nendodakazi yakhe eyodwa.
Ezinye izingane zakhe ezimbili nomunye umzukulu bahlala endlini yokulindela asebethenjiswa ukukhishwa kuyo ngoba umnikazi wayo uthi kukhona izimpahla afuna ukuzifaka phakathi.
Lapho kwakunomxhaso khona kusele indawo ekhombisa ukuthi kwakunendlu.
Ikhansela, uMnuz Simphiwe Lubhede, lithe uNkk Mzobe wazidilizela nabanye ababezwe ukuthi izindlu zizokwakhiwa kabusha.
“Ngebhadi akubange kusakhiwa ngalesi sikhathi esasibekiwe ngenxa yemali. Uhlelo lokwakhela abantu selusemaphethelweni ngoba sekuqokwa izinkampani ezizokwakha,” kusho uLubhede.
Uthe lolu hlelo luhamba ngendlela kanti zonke izinyanga bayalandelela ukuthi selukuphi.
UNkk Mzobe obamba amatoho emzini yabantu uthe uzolinda lolu sizo kodwa usecela noma ubani ongamsiza alule isandla.
“Into eyenza ukuthi kube nzima kakhulu wukuthi angazi bazolalaphi abantwana bami uma bengase bakhishwe ngumnikazi wendlu lapha koLindela. Nokushelwa wumjondolo engangiwakhile ngithi ngiqube kuwo emuva kokuthola ukuthi ngeke sisakhelwa ngalesiya sikhathi kwangishiya ngingenalutho,” kusho uNkk Mzobe.
Uthe okunzima kakhulu wukuthi manje sekuyisikhathi semvula.
“Uma kuna imvula ingena ngaphakathi kumate imibhede nezimpahla endlini, nabalala phansi bagcina belele emanzini,” kuchaza uNkk Mzobe.