UBUVUTHA ungabaselwe umphakathi waselokishini iFinetown, Ennerdale eGauteng emva kwesigameko sangempelasonto lapho kubulawe khona abantu abayisithupha, kwalimala kabi abahlanu.
Umbiko wamaphoyisa uveza ukuthi abasolwa abane bahlasele babulala laba bantu ngesikhathi bezama ukubagebenga.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele ehambisana noKhomishana waseGauteng uLieutenant-General Elias Mawela, bamukelwe ngamalungu omphakathi abedinwe egane unwabu, ekhala ngokuvilapha kwamaphoyisa kule ndawo.
“Kufike umfana lapha emgwaqweni edubula esuka phezulu, wehla njalo ngomgwaqo eqeda abantu. Amaphoyisa ase-Ennerdale abiziwe kodwa awakaze afike. Ubekuphi amaphoyisa ase-Ennerdale?” kubuza ilungu lomphakathi.
[HAPPENING NOW] Police Minister Gen Bheki Cele has headed to #Ennerdale South of Jhb, following the #FinetownShooting were 11 people were shot at and six people were killed while 5 are recovering in hospital. This resident asks about @SAPoliceService response after the shooting pic.twitter.com/BWb5pTne5k
— Lirandzu Themba (@LirandzuThemba) October 31, 2022
Elinye likhale ngento efanayo, labuza uCele ukuthi kungani amaphoyisa ehluleka ukwenza umsebenzi wawo.
“Kungani ufika njalo usuzoqoqa izidumbu, ngoba awukaze ufike kule ndawo ungekho umonakalo owenzekile? Kodwa wufika njalo ngoba sekonakele,” kusho ilungu lomphakathi ngaphambi kokuba ungqongqoshe akhulume nomphakathi ngesehlakalo.
Imibiko evela endaweni yesigameko, ithi kufike amadoda amane avulela ngenhlamvu ebhekise kubantu abadayisa emgwaqweni.
UCele uthe uyazizwa izikhalo zomphakathi mayelana namalambu angakhanyi emgwaqweni, ukungabi bikho kwamaphoyisa alandela futhi naphenya ubugebengu endaweni.
“Ngiyezwa ukuthi nifuna amaphoyisa angeziwe. Koshaya uMsombuluko sesikhona isiteshi samaphoyisa esingumahambanendlwana khona lapha okuzoqinisekisa ukwandiswa kwesibalo samaphoyisa. Ngisizwile nesicelo samaphoyisa ophiko lwamabherethe. Azofika, futhi ayezwa ukuthi umphakathi ucela kufike amaBarethe, azofika,” kusho yena.
UCele uthe wundunankulu omusha uzobhekana nodaba lokungabi bikho kwamalambu emgwaqweni. Umphakathi ukhala ngokuthi kuba mnyama kakhulu uma sekuhwalele, okwenza izinswelaboya zicanase kule ndawo.