UYAVEVA umholi we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokubhuntsha isigubhukane kwengqungquthela yokubuyisana ebihlelwe wuMasipala weTheku.
Esithangamini nabezindaba izolo, uButhelezi ukhale ngenzondo endala athe ibhekiswe kuye ngabaholi be-ANC.
“Ngithole ngeSonto ebusuku ukuthi imenenja yomkhandlu ithinte iNhloko yamaPaki nokuNgcebeleka imnika umyalelo wokuthi akungabe kusaqhutshekwa nengqungquthela, phezu kokuba kade sekuqashwe ngisho nendawo ebizobanjelwa kuyo,” kusho uButhelezi.
Uthe uthole ngeSonto ebusuku, ngomsebenzi kaMasipala wasoLundi ngalokhu, uma kubuzwa izizathu, bangazithola.
“Ngisele nenqwaba yemibuzo, le ngqungquthela ike yahoxiswa futhi phambilini, ngiqale ngathola isimemo ngo-Ephreli 12 ukuthi ngizovula ingqungquthela, ihhovisi lami laqinisekisa ukuthi ngizoba khona latshelwa ukuthi ingqungquthela isihlehlile, angiqondi ukuthi ngangimenyelwani ngisho ekuqaleni,” usho kanje.
Uthe ngemuva kwesonto kwafika esinye isimemo sangoJuni 19, wasamukela.
UButhelezi uthe kuyacaca ukuthi kukhona osemazingeni aphezulu ongafuni ukuzwa azokusho.
UButhelezi uthe: “Angisona isilima, ngicabanga ukuthi angibukeki njengaso, sengisebenzisane isikhathi eside nabaholi be-ANC KwaZulu-Natal nokulapho ngiqaphele khona ukuthi abangithandi.”
Uthe lo mdlalo odlalwa yi-ANC uyamgulisa.
UButhelezi uthe inzondo isuka kude kusakhona ngisho obenguMengameli wokuqala we-ANC wentando yabantu uDkt Nelson Mandela.
Uthe ngo-1999 obenguMengameli uMnuz Thabo Mbeki wamcela ukuthi akathathe isikhundla sokuba yiPhini likaMengameli.
“Ngaphambi kokuba kumenyezelwe ukuqashwa kwami, abaholi be-ANC KwaZulu-Natal bamfaka ingcindezi uMbeki bethi akangitshele nginikele ngesifundazwe iKwaZulu-Natal kodwa babazi kahle kamhlophe ukuthi ngangingeke ngivume ukubukela phansi intando yabantu kwabhuntsha kanjalo ukuqashwa kwami njengePhini likaMengameli, akwethusi ukuthi kuleso sikhundla kwafakwa uMnuz Jacob Zuma,” usho kanje
Uthe akambambele gqubu uZuma ngokuthatha isikhundla sakhe.
Ethintwa izolo, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma, unqabile ukuphawula ngezinsolo zikaButhelezi ezithi abaholi be-ANC bayamzonda.
UZuma uthe udaba luthinta umasipala alungahlanganise lutho ne-ANC. “Uma umasipala kade umeme uButhelezi singazi thina, umcimbi usuyahoxiswa uKhongolose awungeni lapho,” kusho uZuma.