UMNTWANA uMangosuthu Buthelezi ubize umhlangano ophuthumayo namakhosi kanjalo nezimeya ozokuba seMpangeni ngoLwesihlanu.
UButhelezi uthe, ukwenza lokhu ngokwesikhundla sakhe, njengoba enguNdunankulu wesizwe samaZulu. “Ngisazisile iSilo kodwa okungasho ukuthi bengicela imvume,” kuchaza uButhelezi.
Ukhuluma kanjena nje uButhelezi kusanda kusabalala imibiko yokuthi usesulile njengoNdunankulu kaZulu.
UButhelezi uyichithile indaba ykuthi wesulile kule sikhundla asesiphathe kusukela ngo-1954. “Akulona iqiniso ukuthi ngesulile kulesi sikhundla, ngisewuyena uNdunankulu wesizwe samaZulu, kuzosho iSilo ukuthi angisule kodwa okwamanje asikasho lutho ngakhoke ngisekhona esihlalweni,”kucacisa uButhelezi.
Uthe akanankinga nokuphuma kulesi sikhundla vele usenza ngokothando lwesizwe, asimholeli nesenti. Uthe inhlangano ebusayo i-ANC yayingafuni nokuthi iyizwe indaba yalesi sikhundla, futhi kudala echukuluzwa ngaso.
Uthe mayelana nodaba lwengoNgonyama Trust, kukhona usomabhizinisi waseMpumalanga uMnuz Jacob Mnisi, okuke kwaphakanyiswa igama lakhe kodwa wabuye wahoxa. Yena ubephakamisa ukuhi kube umuntu owazi umthetho ohlala kulesi sikhundla. Phambilini besisezandleni zikaJaji Jerome Ngwenya, njengamanje sibanjwe iNkosi uThanduyise Mzimela.
Ukuvezile ukuthi yena ungumsunguli weNgonyama Trust.