NAKUBA indodakazi kaMnuz Jacob Zuma umholi we-MK, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, ixolisile ngokuthuka uNobhala Jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu, isixoliso sikhombisa ukuthi ayikapheli impi “yomafikizolo”, nalabo ababekhona mhlazane kusungulwa iqembu - “ingqalabutho”.
UNkk Zuma-Sambudla ukubeke kwacaca ukuthi nakuba ekuxolisela ukwethuka uShivambu, kuningi angajabule ngakho okuthinta iqembu nendlela uShivambu enza ngayo izinto.
UNkk Zuma-Sambudla uxolise kuShivambu ngemva kokunqunyelwa ugwayi katiki ngumholi weqembu uZuma, omyalele ukuba axolise ngokushesha.
UZuma ubesabise ngokuthi uNkk Zuma-Sambudla uzomiswa eqenjini, nakuzo zonke izikhundla aziphethe uma engaxolisi.
UNkk Zuma-Sambudla uzidonsele amanzi ngomsele ngesikhathi echapha uShivambu ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.
Emibhalweni ehlukene ayifake enkundleni yezokuxhumana i-X, uNkk Zuma-Sambudla ubize uShivambu ngomafakizolo.
UNkk Zuma-Sambudla uthe ukujoyina kukaShivambu i-MK kwaba yinto embi ukunazo zonke esike yenzeka kuleli qembu, wamsola ngokungawazi umsebenzi, wababiza ngezicashalala labo ababezama ukuvikela uShivambu ezinkundleni zokuxhumana.
Esixolisweni, uNkk Zuma-Sambudla uthe uyazisola ngokuchapha uShivambu ngenhlamba nokukhuluma izindaba zeqembu esidlangalaleni.
“Nakuba kunezinto eziningi engingejubale ngazo ngokuphathwa kweqembu, ikakhulu ezithinta yena uShivambu, ngiyakwemukela ukuthi bekufanele engabe ngizidlulisele ezinhlakeni zeqembu izikhalazo zami njengoba kusho imigomo yeqembu.”
UNkk Zuma-Sambudla uthe ubengaqondile ukuthunaza isithunzi seqembu ngokwethuka inhlamba, wathi uzimisele ukubhekana nanoma yiluphi uhlelo lwangaphakathi lokuqondiswa ubugwegwe.
UNkk Zuma-Sambudla uthuka uShivambu nje, ivele inkulu impi phakathi kwamalungu eMK afika ngesikhathi kusungulwa inhlangano ngoDisemba 16, 2023, nalawo afike kamuva.
Amalungu afika kuqala, ama-“D23“, akhala ngokuthi izikhundla zinikezwa abantu abafike kamuva. Iningi labantu abafika kuqala kwi-MK kalisekho ezikhundleni, kanti sekuphethe labo abafike kamuva.
Phakathi kwabaholi abasanda kufika abagixabezwe ngezikhundla kubalwa uShivambu, iphini lomholi weqembu, uDkt John Hlophe, uSotwsebhu omkhulu weqembu ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi, umdidiyeli weqembu KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, nomdidiyeli weqembu eMpumalanga, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
Bonke laba baholi bajoyine iqembu emva kokhetho lwangoMeyi.
Kunenqwaba yabaholi ababephambili ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho kepha engasekho ezikhundleni.
Impi yabafika kuqala nabasanda kufika ibilokhu ilwa ngobumnyama kwi-MK kodwa manje kubukeka isilwa bukhoma.