IBOSHWE ngesikhathi izama ukuhosha isibhamu sayo ebisifihle ngaphansi komcamelo indoda yaKwaZulu-Natal, ebikade ifunelwa icala lokuzama ukusoconga amaphoyisa.
Lokhu kudalulwe amaphoyisa athe umsolwa oneminyaka engu-37 uboshwe ngoLwesihlanu, eGauteng, yinhlanganisela yamaphoyisa nonogada bakulesiya sifundazweni nesaseMpumalanga.
Kuthiwa le ndoda ibikade ifunelwa icala okuthiwa yalenza ngo-Ephreli, nonyaka, lapho yazama khona ukudubula amaphoyisa eVryheid.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.
Amaphoyisa ashaqe imoto nesibhamu sayo esizoya kohlolwa amaphoyisa ukuthi asikaze sisetshenziswe ekwenzeni ubugebengu.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Selvy Mohlala, ulandise wathi ngabo-3 ntambama, kubonakale iToyota Corolla emhlophe enezinombolo zaseGauteng.
Ibihamba emgwaqweni uR548 eDelmas, ibheke eDevon eGauteng.
“Onogada namaphoyisa ayihlale izithonto imoto emuva kokutholakala kwemininingwane ebikade ithi umuntu ohamba ngayo uyafunakala mayelana necaleni elenzeka ngo-Ephreli,” kuchaza uMohlala.
Kuthiwa imoto ize yamiswa abezokuphepha ngesikhathi isiseDevon.
Kuvela ukuthi amaphoyisa nonogada babe sebephonsa imibuzo umsolwa oqale waziphika ukuthi nguye indoda ebekade kubuzwa ngayo.
“Ube eseqhutshwa kwayiwa naye lapho ehlala khona umsolwa kwaqinisekiswa ukuthi nguye lo muntu ofunakalayo kutholakala amaphepha anemininingwane emchazayo. Kuvela nokuthi umsolwa ube esezama ukufinyelela esibhamini sakhe abekade esifihle ngaphansi komcamelo okuyisikhathi lapho evele aboshwa khona,” kuchaza uMohlala.
Udalule ukuthi umsolwa kungenzeka engezelelwe amacala abhekene nawo ngokuqhubeka kophenyo.
UKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela, ushayele ihlombe umsebenzi wamaphoyisa asebenze ngokubambisana nonogada ebopha umsolwa.
ULt Gen Manamela uthe ithele izithelo ezinhle indlela okuseshenziswane ngayo kwaboshwa le ndoda.